Ukubona kanye ukubona kabili: IBanyana ayifuni ukukhutshwa yiTanzania


IBanyana Banyana ihlose ukugwema ihlazo uma isibhekene neTanzania emidlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis kwelaseFrance ngonyaka ozayo.
IBanyana yangena ehlazweni ngokwedlule ikhishwa yiBotswana emidlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic abebanjelwe eJapan ngowezi-2021.
Insika yeBanyana uNoko Matlou usekubeke kwacaca ukuthi abafuni ukungena ogibeni olufanayo nabangene kulona ngokwedlule.
“Kuhle ukuthi siqala ekuhambeni. Sifuna ukuqedela umsebenzi ekhaya. Ngokudlule saphoxeka siphuthwa yithuba lokuyodlala kuma-Olympic Games. Kulokhu kumele senze konke okusemandleni ethu ukwenza isiqiniseko sokuthi siyazibekisela indawo kuma-Olympic Games,” kulandisa uMatlou.
Lesi sitobha esaqala ukudlalela iqembu lesizwe ngowezi-2006 njengomgadli sike sayibamba kuma-Olympic Games ngowezi-2012 eLondon, kwelamaNgisi.
“Ngeneme ngokuba yingxenye yeqembu lesizwe onyakeni omusha. Sibhekene nemidlalo emibili emqoka yokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games. Njengomdlali osebeyingxenye yeqembu lesizwe isikhathi eside kubalulekile ukuthi ngiluleke ngiphinde ngikhombise abadlali abancane indlela ngisebenzisa isipiliyoni sami. Bakhona banye ozakwethu abazongilekelela uJarmaine noThembi asebeke badlala kuma-Olympic Games phambilini,” kuqhuba yena.
UMatlou usedlale imidlalo eli-168 kwelesizwe. Uselimele kuma-Olympic Games, kuWomen’s Africa Cup of Nations naseNdebeni YoMhlaba. Unamagoli angama-66.
“Ukudlala ekuhambeni akulula neze. Ngicabanga ukuthi imiphumela yakamuva iyakuveza lokho. Lokhu kudalwa yizizathu ezahlukene okubalwa kuzona ukushisa nokunye. Sizimisele ngokuzehlisela umthwalo ngokwenza kahle emlenzeni wokuqala. Ekhaya angingabazi ukuthi abalandeli bazophuma ngobuningi babo ukuzoseseka. Nami ngiyabacela ukuthi batheleke ngobuningi ukuze basifake umfutho ozosenza sizibekisele indawo kuma-Olympic Games,” kuchaza uMatlou.