OweBanyana uphumele obala ngeminjunju abayizwa ngama-Olympic Games edlule
Isihlabani somgadli weBanyana Banyana uThembi Kgatlana sivule isifuba ngezinhlungu abazizwa bephuthwa ama-Olympic Games aseTokyo kwelaseJapan ngokwedlule.
IBanyana yathelwa othulini yiBotswana kowokuhlunga ukuzitholela ithikithi elibheke eJapan.
“Ngokwedlule saphoxeka sihluleka wukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games. Phela bese siwazi umuzwa wukudlala kuma-Olympic ngoba sidlalile kuwona ngowezi-2012 nangowezi-2016. Iqembu lifuna ukudlala kuyona yonke imiqhudelwano emikhulu okubalwa kuyona i-Afcon, iNdebe YoMhlaba nama-Olympic. Ukuhluleka wukuya eTokyo ngokwedlule kwasishiya sihlukumezekile. Ngakho siyabuqonda ubumqoka bale midlalo emibili,” kuchaza uKgatlana.
IBanyana igcine ukudlala kuma-Olympic Games ngowezi-2016 eRio de Janeiro eBrazil.
“Ukuzethemba kuphezulu ngaphambi komdlalo wakusasa (namuhla). Lo mdlalo umqoka kithina. Ngokwedlule sahluleka wukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games. Into ebalulekile wukubhekana nomdlalo owodwa ngesikhathi,” kubeka uKgatlana.
Lo mgadli usephenduke isibani seBanyana ezikhathini ezinzima. Nanamuhla amathemba eBanyana azobe elele kuyena ekutheni aqhubeke nokushaya amagoli amqoka.
“Emalungiselelweni ethu sigxile kakhulu kithina. Njengoba ngishilo ngokwedlule sahluleka wukuya kuma-Olympic. Yingakho lo mdlalo usho lukhulu kithina. Abaqeqeshi bakwenze konke ukuqoqa imininingwane ngezitha. Siyakwazi okumele sikwenze nokumele sikugweme ukuze siphumelele,” kusho uKgatlana.
IBanyana iqala ekuhambeni bese iqeda ekhaya ngoLwesibili.
“Ukudlala ekuhambeni kuhlale kunzima ngaso sonke isikhathi. Kule midlalo yokuhlunga asizange sinqobe emidlalweni emibili esiyidlale ekuhambeni.” kuphetha uKgatlana.