Now Reading
Ayikugqizi qakala iBanyana ukuthi likhipha umkhovu etsheni eNigeria
Dark Light

Ayikugqizi qakala iBanyana ukuthi likhipha umkhovu etsheni eNigeria

Ngeke izikhathaze ngamazinga aphezulu okushisa iBanyana Banyana ezogadulisana neNigeria emdlalweni omqoka wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis eFrance ngoNtulikazi.

Lezi zinkunzi zebhola ebholeni labesifazane e-Afrika zitholana phezulu emlenzeni wokuqala ozoba se-Abuja, eNigeria ngoLwesihlanu ntambama.

Umlenze wesibili uzobanjelwa eLucas Moripe Stadium, ePitoli ngoLwesibili. 

Ozodla ubhedu kule midlalo uzozibekisela indawo kuma-Olympic Games. Unozinti weBanyana UKaylin Swart usedalule ukuthi ngeke bazikhathaze ngamazinga okushisa aphezulu eNigeria.

“Sizizwa sijabule ngokwamukelwa lapha eNigeria. Usuku lwesibili namuhla (ngoLwesibili) silapha. Isimo sezulu siyashisa. Ukhiye kodwa wukuthi ukhakhayi luqinile yingakho indaba yesimi sezulu singayifakile kakhulu ekhanda. Kube kuhle ukuthi sisheshe sifike ukuze sikwazi ukujwayela lesi simo sezulu esibhekene naso njengamanje. Ukuba lapha isikhathi eside kuzosinika ithuba lokuzinza kahle,”kusho uSwart.

Lo nozinti nguyena okubhekwe ukuthi aqale amapalini kuyona yombili lemidlalo. U-Andile Dlamini weMamelodi Sundowns ulimele.

See Also

“Wonke umuntu uwubheke ngamehlo abomvu umdlalo. Umdlalo siwulungele ngendlela eyisimanga. INigeria yizwe esesibhekane nalo amahlandla amaningi kule minyaka eyedlule. Isikhathi esiningi bebehlale bengaphezu kwethu kodwa kule minyaka edlule iqembu lethu selidlondlobape kakhulu. Ibhola labesifazane liyathuthuka eNingizimu Afrika. Abadlali bethu sebekhule kakhulu. Kuzoba ngumdlalo onzima,”kulandisa uSwart.

IBanyana itheleke kwelaseNigeria NgoMsombuluko.

“Imiphumela yemidlalo eyedlule ngeke isebenze kulo mdlalo. Njengamanje umdlalo omqoka yilo esibhekene nawo. Womabili amaqembu aseshintshe kakhulu. Sesikhule kakhulu manje. Sigcwele ukuzethemba. Ngosuku lomdlalo kukhona induku esiyifihle emqubeni esizoyikhipha. Angingabazi ukuthi iNigeria izoza ngamandla kodwa sikulungele konke abazokuphonsa kithina,” kuphetha uSwart.

Scroll To Top