Now Reading
Ukunqoba kuphela okuzondizisa iBanyana ilibangise eParis
Dark Light

Ukunqoba kuphela okuzondizisa iBanyana ilibangise eParis

Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis uthi nakanjani iqembu lakhe ulifuna libe sebhanoyini elizoya eParis, eFrance kuma-Olympic Games. 

Imidlalo yama-Olympics kulindeleke ukuthi iqale ngoNtulikazi isongwe ngoNcwaba nonyaka. 

Kubukeka isifiso sikaDesiree sizoba nzima njengoba indlela yokuya eFrance idlula ezimbangini ezinkulu okuyiNigeria. 

La mazwe azotholana phezulu emlenzeni wesibili, lo mdlalo uzobanjelwa eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli ngele-19:30. 

Kuyiwa kulo mdlalo nje elakuleli lilandela ngemumva ngegoli elilodwa eqandeni kowabe ungoLwesihlanu eledlule. Igoli leNigeria kwaba iphenathi eyavalelwa phakathi u-Ajibade Busayo.

IBanyana Banyana neNigeria amazwe enza kahle lapha e-Africa kwiNdebe YoMhlaba edlule bakwazile ukufinyelela kwiLast 16. 

See Also

“Besifuna ukuthola umphumela omuhle ekuhambeni kodwa akwenzekanga. Ngeke ngaqamba amanga sidlale kangcono ngesiwombe sesibili kunesiwombe sokuqala. Uma singaqhubekela phambili kulokho imiphumela izoba mihle. Siyiqembu elilidlalayo ibhola, sakha amathuba okumele siwasebenzise. Sonke siyazi ukuthi umdlalo omkhulu, sonke siyazi ukuthi owinile emilenzeni emibili ekugcineni uya kuma-Olympics iphupho lethu ukuba yilelo lizwe elizogibela indiza eya eFrance” kusho uDesiree.

Izindaba ezinhle ukuthi isikhwishikhwishi esiwuSinoxolo Cesane sizobonakala kulo mdlalo kwazise ubengekho emlenzeni wokuqala ngenkinga yeVISA yakhe. Le ntokazi yenza kahle kakhulu eMexico lapho idlala khona. 

“Kumele sithole igoli lokulinganisa kusenesikhathi ukuze sizozibeka emathubeni okunqoba. Ithuba lethu lokugcina leli ngeke lize libe khona elinye, ingakho kumele siwunqobe lo mdlalo. 

Scroll To Top