Now Reading
U-Ellis uphonsela ezakhe inselelo koweNigeria
Dark Light

U-Ellis uphonsela ezakhe inselelo koweNigeria

Ufuna bafele enkundleni abadlali bakhe uma sebebhekene neNigeria namuhla ngelesi-7.30 ebusuku umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis.

IBanyana izotholana phezulu namaSuper Falcons namuhla ebusuku eLucas Moripe Stadium, ePitoli emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis eFrance ngoNtulikazi.

Emlenzeni wokuqala elakuleli liguqe ngelilodwa emdlalweni obuse-Abuja ngoLwesihlanu ebusuku.

“Besazi ukuthi lo mdlalo wakhiwe imilenze emibili. Besifuna ukuthola umphumela ogculisayo eNigeria kodwa lokho akuzange kwenzeke. Senze kangcono ngesiwombe sesibili uma ngiqhathanisa nesiwombe sokuqala. Njengeqembu elikhonze ukubeka ibhola phansi sakhe amathuba angcono. Sonke siyaqonda ukuthi lomdlalo mkhulu kangakanani. Sazi kahle kamhlophe ukuthi iqembu elizonqoba kulo mdlalo lizongena endizeni ebheke kuma-Olympic Games eFrance. Kumqoka ukuthi sisheshe sithole igoli ngokushesha ukuze sibuyele emdlalweni njengoba silandela ngemuva,” kuchaza u-Ellis.

Ozonqoba phakathi kweBanyana neNigeria uzozitholela ithikithi elibheke eParis.

“Kumele silindele noma yini abazoyithumela kithina. Lona ngumdlalo kawafawafa. Uma udliwe la ngeke usalithola ithuba lesibili,” kuqhuba u-Ellis.

See Also

IBanyana ibuye eNingizimu Afrika ngoMsombuluko.

“Besiqonda ukuthi ngeke sisithole isikhathi esanele sokulungiselela umlenze wesibili. Yingakho besilambele ukuthola umphumela ogculisayo. Ngeshwa lokho akwenzekanga kodwa siyaxhumana nethimba lodokotela ukwenza isiqiniseko ukuthi iqembu lisesimeni esingcono. Ngumdlalo lo okumele senze isiqiniseko sokuthi sifela enkundleni. Sifuna ukuya eFrance. Kumnyama kubomvu umphumela ogculisayo uyadingeka. Phambilini sikhombisile ukuthi siyingozi ekhaya. Siyakwazi ukushaya amagoli. Nokho sibhekene nezwe elinzima eselikwenze konke.” kuphetha u-Ellis.

Izwe elizonqoba lomdlalo lizojoyina iBrazil, Japan neSpain kuGroup B kuma-Olympic.

Scroll To Top