Now Reading
OweBanyana ubona amabhawodi axegayo kwelesizwe yize libhabhadise iTanzania
Dark Light

OweBanyana ubona amabhawodi axegayo kwelesizwe yize libhabhadise iTanzania

Umgadli weBanyana Banyana uJarmaine Seoposenwe usabona amabhodi axegayo eqenjini lesizwe.

IBanyana ibhabhadise iTanzania ngana-3/0 emlenzeni wokuqala womdlalo wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis kwelaseFrance ngonyaka ozayo.

Elakuleli linqobe ngamagoli kaSeoposenwe, uHilda Magaia nelikaThembi Kgatlana ngoLwesihlanu ntambama e-Azam Sports Complex, eDar es Salaam, eTanzania.

Ngemuva komdlalo uSeoposenwe udalule ukuthi kusanamabhawodi adinga ukuqiniswa kwelesizwe.

“Umdlalo ubunzima. Basifakele ingcindezi ekuqaleni komdlalo. Umoya wenze kwanzima ngoba ubusiphikisa ngesiwombe sokuqala. Basiphoqe ukuthi siqale ukudlala emuva kanti bona bebethumela amabhola amade. Ngenhlanhla sikwazile ukuthola igoli lokuqala ngokushesha. UHilda ugobe elihle ibhola nami ngakwazi ukulivalela enethini. Igoli lokuqala lisinike uzinzo,” kuchaza uSeoposenwe.

IBanyana izodudulana neTanzania emlenzeni wesibili ngoLwesibili ngelesi-7.30 ebusuku eMbombela Stadium, eMpumalanga.

“Ngemizuzu emihlanu yokuqala ngesiwombe sesibili baphinde basifakela ingcindezi. Umqeqeshi (uDesiree Ellis) wenze izinguquko. Sigcine silitholile igoli lesibili nelesithathu. Kona asidlanga ngokwezinga lethu. Kuyasho ukuthi abanye basanda kubuya emaholidini kanti abanye abadlala phesheya sebedlale inqwaba yemidlalo njengoba isizini isiphakathi. Yingakho singadlalanga kahle. Kunzima ukuhlanganisa labadlali abaqhamuka ezimeni ezahlukene. Ngiyakholwa wukuthi singenza kangcono. Kuyasho ukuthi sekuphele isikhathi eside singadlali ndawonye. Noma kunjalo kodwa ngiyaziqhenya ngeqembu. Sishaye amagoli amathathu ekuhambeni saphinde savala kwangangena lutho ngakithi,” kuqhuba uSeoposenwe.

Wonke amagoli eBanyana abhanjiswe ezintanjeni ngabadlali baphambili.

See Also

“Abagadli abazange badlale ngamathuba. Yingakho wonke amagoli amathathu eqhamuke kubagadli. UThembi, uHilda nami sikwazile ukusebenzisa amathuba esiwakhelwe ngozakwethu. Sobathathu senza kahle emaqenjini esidlala kuwona. Siletha leso sipiliyoni eqenjini lesizwe. Sonke sidlale kahle. Yebo, siwenzile amaphutha. Nawo ayingxenye yokukhula,” kubeka yena.

IBanyana izama ukuzibekisela indawo kuma-Olympic ngemuva kokuhluleka wukuzibekisela indawo eTokyo, eJapan ngokwedlule.

“Kuhle ukunqoba ekuhambeni. Emidlalweni yakamuva asizange sithole imiphumela egculisayo ekuhambeni. Sidlale kahle kakhulu. Besibambisene njengeqembu uma siyaphambili noma sivale emuva. Iqophelo leqembu esilibophele yilona elibe ngumehluko phakathi kwethu neTanzania.” kuvala uSeoposenwe.

Scroll To Top