Now Reading
Intokazi esencane ilangazelela ukufeza iphupho layo lama-Olympic Games
Dark Light

Intokazi esencane ilangazelela ukufeza iphupho layo lama-Olympic Games

Uphokophele ukufeza iphupho lakhe umdlali osemncane kuBanyana Banyana u-Asanda Hadebe.

Le ntokazi eneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye igijima kuSunflowers FC.

Kuleli qembu ibamba ibhande likakaputeni. Ibonakale okokuqala igqoke imifaniswano yeqembu lesizwe ngesikhathi elakuleli libhekene neMozambique emdlalweni we-Africa Cup of Nations (Afcon) yabesifazane ngoMfumfu ngowezi-2021.

Kusukela lapho ayibange isabheka emuva. Ngokokuzalwa idabuka elokishini iHammarsdale ekhiqize izingwazi ezifana noSibusiso “Rhee” Zuma oke waba ngukaputeni weBafana Bafana eminyakeni eyedlule.

UHadebe uvule isifuba ngephupho lakhe lokudlala kuma-Olympic Games. Lo mqhudelwano uzobanjelwa eParis eFrance ngonyaka ozayo.

“Njengomdlali ngiyakhula ngokuba yingxenye yeqembu lesizwe. Kuningi engikufundayo. Ukuzethemba kwami kuphezulu manje. Into esengiyibheke ngamehlo abovu wukuya kuma-Olympic Games. Ngicabanga ukuthi akekho umdlali ongenaso isifiso sokudlala kulo mqhudelwano. Ukuba yingxenye yawo kungasho lukhulu kimina,” kubeka u-Asanda.

IBanyana izodudulana neTanzania emlenzeni emibili kweyokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games.

See Also

Iqembu elizophumelela ngemuva kwemilenze emibili lizodlulela kuma-Olympic Games.

“Kimina kuzobe kungokokuqala ngidlala emiqhudelwaneni omkhulu njengama-Olympic Games. Yingakho ngifuna ukulibamba ngezandla zombili ithuba uma ngilithola. Iqembu lisebenza kanzima. Amalungiselelo ethu ahamba kahle kakhulu. Sibambisene njengeqembu. Osekusele wukwenza umsebenzi enkundleni,” kuchaza uHadebe.

IBanyana yaphoxwa yiBotswana kweyokuhlunga ngokwedlule yagcina ihlulekile wukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games ayeseJapan ngowezi-2021.

Scroll To Top