UDesiree akafuni ukuzixaka ngomlando
Akafuni ukuzixaka ngomlando umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis ezakhe ezitholana phezulu neTanzania emidlalweni emibili yokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis kwelaseFrance ngonyaka ozayo.
Kusasa ngelesi-3 ntambama, iBanyana izongqubuzana neTanzania emlenzeni wokuqala womdlalo wokuhlungela ukuzitholela ithikithi elibheke eFrance kuma-Olympic Games. Umdlalo uzodlalwa eDar es Salaam.
Umlenze wesibili uzodlalelwa eMbombela Stadium, eMpumalanga ngoLwesibili ngelesi-7.30 ebusuku.
“Asikaze sibhekane neTanzania muva nje. KuCosafa Cup besibekwa emaqoqweni ahlukene. Sagcina ukudlala neTanzania ngowezi-2014 eNingizimu Afrika . Ngaleso sikhathi sasilungiselela i-Africa Cup of Nations yabesifazane eNamibia. Sekukudala kakhulu. Ngumlando lowo. Ngeke sigxile emlandweni nokwenzeka phambilini. Umlando awubinawo umthelela womdlalo olandelayo nokuthi uzohamba kanjani. Kumele ubhekane umdlalo nomdlalo,” kusho uDesiree.
Empeleni la mazwe agcine ukuhlangana ngowezi-2017. ITanzania yanqoba ngeli-1/0.
“Uma uzoqhathanisa uzozithola usenkingeni. Noma yimuphi umdlalo owudlala ekuhambeni unzima. Usuke udlala endaweni ongayijwayele kanti ubhekene nezihlwele eziseka izitha. Nokho iqembu elidlalela ekhaya yilona elisuke linengcindezi eningi ngoba kumele lithole umphumela ogculisayo ekhaya phambi kwabalandeli balo. Kumele sibe sezingeni eliphezulu ukuze sibuye nomphumela omuhle,” kuqhuba uDesiree.
IBanyana izolwela ukugwema okwenzeke ngokwedlule ikhishwa yiBotswana kweyokuhlunga ama-Olympic Games adlule abeseJapan.
“Amalungiselelo ethu alo mdlalo asheshe aqala ngoba siyiqembu elihlonipha wonke amaqembu esidlala nawo. Lona ngumdlalo omqoka kithina. Asiwuthathi neze kancane. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi umdlalo ufika siwulungele. Yingakho ngingaqinisekisa ukuthi amalungiselelo ethu ahambe kahle kakhulu,” kuchaza uDesiree.
IBanyana ibophele zonke izihlabani zayo zabadlali kulo mdlalo.
“Akukhathalele ukuthi sidlala ekhaya noma ekuhambeni kumele silwele ukuthola umphumela ogculisayo ngoba vele nendaba yegoli lasekuhambeni ayibalwa kulemidlalo yokuhlunga.” kuphetha uDesiree.