Now Reading
Akayivumeli yize eyazi ingcindezi esemahlombe ezakhe koweNigeria u-Ellis
Dark Light

Akayivumeli yize eyazi ingcindezi esemahlombe ezakhe koweNigeria u-Ellis

Uvuma ingcindezi ebhekene neqembu lakhe umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis.

IBanyana izotholana phezulu neNigeria emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis eFrance ngonyaka ozayo.

Kuleli sonto, iBanyana, ihlangane ekhempini ukuzoqala amalungiselelo ale ndumezulu yalo mdlalo obhekwe ngamehlo abomvu.

Umlenze wokuqala uzodlalelwa e-Abuja mhla zinhlanu kuMbasa e-Abuja bese kuthi umlenze wesibili ubanjelwe eLucas Moripe Stadium, ePitoli mhla ziyisishiyagalolunye kuMbasa.

“Ngijabule ngomoya wabadlali bami. Bakhombisa ilukuluku ejimini. Sixoxile ngobumqoka balo mdlalo ngesikhathi sibambe umhlangano wokwamukela abadlali. Sikhulumile ngokuthi lo mdlalo mkhulu kangakanani. Wonke umuntu uyilungele ingcindezi esibhekene nayo kulo mdlalo. Abadlali basesimeni esihle kakhulu. Okubalulekile wukuthi sicophelele indlela esibajimisa ngayo ngoba babuya emidlalweni elandelanayo emaqenjini abo,” kuchaza u-Ellis.

IBanyana ikhempe eHigh Perfomance Center, ePitoli. Ubize abadlali abangamashumi amathathu kule khempu ehlanganise abadlali abagijima eNingizimu Afrika kuphela.

“Sisalelwe yizinsuku ngaphambi kokuthi sicniphise isibalo sabadlali eqenjini lesizwe. Kumele sigcine sisale nabadlali abangamashumi amabili nantathu. Kumele ngenze isiqiniseko sokuthi ukuhlangana kwabadlali kuyile nto engiyifunayo,” kuqhuba u-Ellis.

See Also

USamkelo Selana no-Andile Dlamini ngeke babeyingxenye yeqembu ngenxa yokulimala. Izikhala zabo zizovalwa nguMmabatho Mogale noMamokgaase Senyatsi.

“Isikwati engisiqokayo kumele ngingafuniseli ngaso ngoba lona akuwona umdlalo olula. INigeria isikhombise kaningi ukuthi iseyiqembu eliseqophelweni eliphezulu. Yingakho kumele nathi sibe sezingeni elifanele ukubhekana nabo,” kuchaza u-Ellis.

Izwe elizonqoba kulo mdlalo lizozitholela ithikithi elibheke eParis.

Scroll To Top