Kumphule inhliziyo oweBanyana ngokudliwa yiNigeria kowokuqala
Isansonsotha inhliziyo kanozinti weBanyana Banyana uKaylin Swart kulandela ukuguqiswa yiNigeria emlenzeni wokuqala womdlalo wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis kwelaseFrance ngoNtulikazi.
IBanyana iguqiswe iSuper Falcons ngeli-1/0 wegoli likaRasheedat Ajibade emlenzeni wokuqala obuse-Abuja.
INigeria neBanyana babanga ithikithi elibheke eParis kuma-Olympic Games ngoNtulikazi. Ozonqoba phakathi kwala mazwe uzozibekisela indawo kuma-Olympic Games.
“Siphatheke kabi ngokuhlulwa emlenzeni wokuqala ngoba silwile. Kunzima ukwamukela ukuthi sigcine siguqile. Kuningi esikubhekile emlenzeni wesibili. Uma singaqhubeka lapho sigcine khona ngesiwombe sesibili uma sekuqala umlenze wesibili sinethuba elihle lokuphendula amatafula. Ngeke sibhekise amakhanda phansi. Kumele sivuke sizithathe. Ngiyakholwa wukuthi sisengabuya kodwa kunzima ukwamukela ukuthi sigcine sidliwe,” kusho uSwart.
Umlenze wesibili uzodlalelwa eLucas Moripe Stadium, ePitoli ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
“Ngeke ngikhombe into eyodwa ngithi iyona esidlisile. Asizange siqale kahle. Siqale ngenothi eliphansi. Sidumele kakhulu ngomphumela. Zincane izinto okumele sizishintshe. Ngiyakholelwa eqenjini. Ngigcwele ukuzethemba ukuthi sizokwazi ukuphendula amatafula ekhaya,” kuqhuba uSwart.
Uma inqoba iBanyana izojoyina iSpain, Japan neBrazil kuGroup B.
“Ngihlalele ethembeni lokuthi abalandeli bazophuma ngobuningi babo ukuzogcwalisa inkundla ngoLwesibili. Kuzoliwa ngomlenze wesibili. Kumele sithole amagoli esiwadingayo. Ukuzethemba kwethu bekuphansi ngesiwombe sokuqala. Umlenze wesibili uzobanzima.” kuphetha uSwart.