Now Reading
OweBanyana ulobizela ukuyitholela ithikithi elibheke eFrance
Dark Light

OweBanyana ulobizela ukuyitholela ithikithi elibheke eFrance

Ulangazelele ukufaka isandla ekutheni iBanyana Banyana izibekiselele indawo kuma-Olympic Games uThalea Smidt osanda kubuyiselwa eqenjini lesizwe.

Ama-Olympic Games azobanjelwa eParis eFrance ngonyaka ozayo. IBanyana izotholana phezulu neTanzania ekhaya nasekuhambeni bese kuthi onqobayo azitholele ithikithi elibheke eParis.

Umlenze wokuqala useDaar es Salaam ngoLwesihlanu ngelesi-3 ntambama bese kuthi ngoLwesibili iBanyana yamukele iTanzania eMbombela Stadium, eNelspriut, eMpumalanga ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

“Ngizizwa ngijabule ukubuyela ekhempini yeBanyana. Sizilungiselele kahle ngoba sibe nesikhathi eside ndawonye ekhempini yokwenza amalungiselelo ale midlalo emibili. Siyabuqonda ubumqoka balo mdlalo. Kumnandi ukubuyela eqenjini lesizwe. Bese ngibakhumbule ozakwethu,” kusho uSmidt.

IBanyana ibingabonwa nangokhalo kuma-Olympic Games kwelaseJapan ngowezi-2020. Yakhishwa kabuhlungu kweyokuhlunga yiBotswana.

“Umzuliswano omqoka wemidlalo yokuhlunga. Kuyisifiso sethu ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games ngoba asiphuthile adlule. Nokho asifuni ukucabanga kakhulu. Njengamanje sigxile kuTanzania. Senimdlalo emibili okumele siyidlale siyinqobe bese sikhuluma ngama-Olympic Games. Noma singeke sikubalekele ukuthi into esiyibheke kunazo zonke ama-Olympic Games,” kulandisa uSmidt.

See Also

IBanyana isefomini kulezi zinsuku. Ingompetha base-Afrika kwabesifazane. Ngonyaka odlule ifinyelele kuLast 16 yeNdebe yoMhlaba kwelaseNew Zealand.

“Sizobhekana nomdlalo owodwa ngesikhathi. Njengamanje sibheke owokuqala eTanzania. Ngemuva kwalokho sizobe sesilungiselela umlenze wesibili. Uma siphumelela sizobe sesicabanga ngama-Olympic Games. Yebo, ngeke sikubalekele ukuthi noma yimuphi umdlali uyafuna ukuthi ayeke ukudlala ibhola eseke wadlala kulo mqhudelwano. Ama-Olympic Games abalwa nemiqhudelwano emikhulu emhlabeni.” kuchaza uSmidt.

Scroll To Top