IBanyana iqinile ngokomqondo: Salgado


IBanyana Banyana isizithwese ijoka lokuziveza ukuthi ingani ingompetha be-Africa Cup of Nations (Afcon) kwabesifazane.
Ngonyaka odlule iBanyana ikhale yemuka nesicoco se-Afcon ithela othulini iMorocco phambi kwabalandeli bayo.
NgoLwesihlanu izotholana phezulu neNigeria emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis eFrance ngoNtulikazi.
Umlenze wokuqala use-Abuja kwelaseNigeria bese kuthi owesibili udlalelwe eLucas Moripe Stadium ngoLwesibili.
Isikwibhisi seBanyana uGabriela Salgado siphumele obala ngokuthi asiyiboni iNigeria ima endlebeni yabo.
“Lona ngumdlalo omkhulu. Womabili amazwe azimisele ngokuzibekisela indawo kuma-Olympic Games. Ngokwedlule sihlulekile wukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games. Lena indumezulu yomdlalo. Kubheke amazwe amabili ayizongqungqulu zebhola labesifazane e-Afrika. Manje sibhekene nenselelo yokuziveza ukuthi kusifanele ukuthola ithikithi elibheke kuma-Olympic njengompetha base-Afrika,” kusho uSalgado.
Ozonqoba phakathi kweBanyana neNigeria uzozitholela ithikithi elibheke eFrance.
“Konke kuzoncika ekutheni siqine kanjani ngokomqondo kule ndumezulu yomdlalo obhekwe ngamehlo abomvu. Ukudlala enkundleni lapho likhipha khona umkhovu etsheni yinto esike sabhekana nayo phambilini. Ku-Al Shabari Cup sasidlala ezimeni lapho ilanga lalishisa bhe kodwa sabuya nayo iNdebe. Njengoba ngishilo ukhiye kuzoba wukuthi umdlalo siwulambele kangakanani. Ngokomqondo umdlalo siwulungele. Lokho ngingakuqinisekisa. Akukho okungama endleleni yethu,” kuqhuba yena.
IBanyana ifike eNigeria ngoMsombuluko ukuzoqhubeka namalungiselelo alo mdlalo omkhulukazi.
“Ekhempini wonke umuntu uyazethemba, wonke umuntu uwulambele lo mdlalo futhi akekho othukile. Siyakwazi esikuzele eNigeria. Siyagqugquzelana ekhempini ukwenza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu uwulungele umdlalo. Sisebenze kakhulu kabi ukufinyelela kulesi sigaba esikusona njengamanje. Osekusele wukuqedela umsebenzi,” kuphetha uSalgado.