IBanyana ayililahlile ithemba ngama-Olympic Games
Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis usekubeke kwacaca ukuthi akuphelile ngephupho leqembu lakhe lokuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis eFrance ngoNtulikazi.
IBanyana iguqiswe yiNigeria ngeli-1/0 emlenzeni wokuqala kowokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games. Umdlalo ububanjelwe eMKO Abiola Stadium, e-Abuja, eNigeria.
URasheedat Ajibade nguyena obasele enethini igoli okunqobe ngalo iSuper Falcon ngomzuzu wamashumi amane nantathu.
Ngemuva komdlalo u-Ellis ukusho kwagcwala umlomo ukuthi akuphelile ngeqembu lakhe.
“Ngishilo izolo (ngoLwesine) ukuthi lona ngeke kube ngumdlalo olula. Akukaphelile ngathi. Sakhe inqwaba yamathuba kodwa ekugcineni iphenathi iyona egcine ikhiphe iqembu eliwinayo. Njengoba sengishilo umdlalo awuphelile. Ngesiwombe sesibili silinyuse kakhulu izinga. Ngikholwa wukuthi besingalithola igoli lokulinganisa. Nathi besikufanele ukuthola iphenathi. Ngiyaziqhenya ngendlela iqembu lami elilwe ngakhona. Konke kuzophelela ePitoli,” kubeka u-Ellis.
Umlenze wesibili uzodlalelwa eLucas Moripe Stadium lingamenxe ihora lesikhombisa.
“Ngesiwombe sokuqala besigqagqene kakhulu. Yingakho singadlalanga ngendlela ebesihlele ukudlala ngakhona. Ngesiwombe sesibili sibuye saba yiqembu elingcono kakhulu,” kuqhuba u-Ellis.
Iqembu elizonqobe ngoLwesibili lizozitholela ithikithi elibheke kuma-Olympic Games.
“Sizohlala phansi sihlaziye lo mdlalo womlenze wokuqala. Ngemuva kwalokho sizobe siyayabona ukuthi yikuphi lapho singayihlakaza khona iNigeria ukuze sinqobe umlenze wesibili. Emuva besivale kuthe thanqa saze sahlawuliswa ngephenathi. Thina sithatha ngokuthi umdlalo usekhefini, isiwombe sesibili sizoqala ngoLwesibili ePitoli,” kuchaza u-Ellis.
UNoko Matlou nguyena odale iphenathi ngomzuzu wamashumi amane nantathu.
“Ngeke ngigxeke onompempe. Ngokwami bawuphathe kahle umdlalo. Izinqumo zabo bezingashayi eceleni.” kuphetha u-Ellis.