Now Reading
OkaMakhulukhulu usebheke ilanga kuSundowns
Dark Light

OkaMakhulukhulu usebheke ilanga kuSundowns

U-Asanda Hadebe ongumdlali weSunflower WFC kuvela izindaba zokuthi maduze uzobe egqoke ijezi leMamelodi Sundowns Ladies, njengoba kuvela izingxoxo naleli qembu lasePitoli sezimaphethelweni. 

Le ntokazi eneminyaka yobudala engama-20 inekhono elimangalisayo njengoba ikwazi ukudlala yonke indawo enkundleni.

Ezikhathini eziningi uma idlala kuSunflower WFC ibidlala phambili, kodwa emidlalweni yeBanyana Banyana yakamuva bayidlalisa emumva kwesokunxele.

“Inkontileka ayitholile u-Asanda kwiSundowns Ladies iconsisa amathe, iholo azolithola kunabadlali abaningi abadlala kuMotsepe Foundation Championship abangalitholi. Izoze iphele ngesizini yangowezi-2026 inkontileka ayisayinile. Angingabazi ukuthi uzofike adlale kulo mshini weSundowns Ladies obhaxabula kwasani ophambi kwayo. Ngikhuluma nje namhlanje uye ePitoli ukuba ayoqeda konke nompetha beHollywoodbets Super League,” kusho umthombo. 

ISunflower WFC egijima kuSasol League iyiqembu elihamba phambili kweselikhiqize abadlali abayibamba kwiHollywoodbets Super League okuyiligi enkulu yabesifazane kuleli.

Kubadlali abambalwa nje abasuka kuleli qembu laseHammarsdale kukhona uYolanda Nduli, uThubelihle Shamase, uSiphumelele Shamase no-Ongeziwe Ndlangisa. 

Leli qembu eliqeqeshwa uSiyabonga Malinga lisanda kushiywa uKhanyisile “Mkhelele” Sokhela ojoyine iLindelani Ladies FC engomakoti kuHollywoodbets Super League. 

“Ake afika amaqembu ezomfuna u-Asanda, kulawo maqembu kubalwa iTS Galaxy ne-University of Johannesburg (UJ), kodwa agcina engamtholanga. Okuhle ukuthi yona intokazi ijabule futhi izitholile izibusiso kuSunflower WFC,” kubeka umthombo. 

See Also

Kwabanye abadlali abajoyine iSundowns Ladies kukhona uNthabiseng Majiya noCimone Sauls. 

ElaboHlanga lithinta abeSunflower WFC abaphikanga futhi abavumanga ngaloludaba, kodwa bekutshengisa ukuthi lentokazi izobashiya. 

“Ungomunye wabadlali olokhu elimele kahle iqembu, yize kunjalo kodwa ngeke samvimbela uma kukhona amadlelo aluhlaza awatholayo. Siyakholwa ukuthi usekulungele ukudlala noma ikuliphi iqembu elikhulu” kusho abeSunflower WFC. 

Ubani u-Asanda Hadebe:

  • Uneminyaka yobudala engama-20.
  • Ngokuzalwa uzalelwe eHammarsdale.
  • Ufunde eSiqalo Primary School, ise-Intakemazolo Combined School nasePhezulu High School.
  • Nyakenye kowe-Engen Knockout Challenge eKZN ube umgadli ovelele evalela amagoli ali-11 emidlalweni emihlanu.
Scroll To Top