Udumele u-Ellis iBanyana iphuthwa i-Olympics


Uphoxekile umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis ezakhe zihlulwa wukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis kwelaseFrance ngoNtulikazi.
IBanyana iguqiswe yiNigeria ngelilodwa eqandeni sekuhlanganiswe umphumela womlenze wokuqala nowesibili emdlalweni wokuhlungela ama-Olympic Games obuseLucas Moripe Stadium, ePitoli izolo ebusuku.
Umdlalo ugcine uphele ngeqanda nxazombili. Umlenze wokuqala wanqontshwa yiSuper Falcons ngeli-1/0 e-Abuja ngoLwesihlanu.
“Siphoxekile. Siyazi ukuthi nabalandeli badumele ngalo mphumela. Noma kunjalo kumele siziqhenye ngendlela iqembu elizinikele ngakhona. Lizame ngayo yonke indlela. Angeke siyisole imizamo yalo. Bebevale kuthe thanqa emuva okwenze sahluleka wukuthola igoli. Amaphasi ethu ezindaweni ezimqoka abengamahle. Unozinti wabo ubenomuhle omuhle. Ubengumehluko phakathi kwethu nokudliwa,” kuchaza u-Ellis.
Okwesibili kulandela iBanyana iphuthwa ama-Olympic Games. Ngowezi-2020 ayizange iye eTokyo kwelaseJapan.
“Angekho ongadumele ngalo mphumela ngoba nangowezi-2020 asizange siye kuma-Olympic Games. Sazithola sisemeni esifanayo. Angifuni ukuqamba amanga kuzosithatha isikhathi ukuthi siphole kulezi zinhlungu zokuphuthwa ama-Olympic Games. Sizoqhubeka nokuzama ukuthuthukisa iqembu nebhola labesifazane. Yize siphoxekile kodwa asikhohliwe lapho sibheke khona. Ngemuva kokuphuthwa ama-Olympic Games ngowezi-2020 asizange sibhekise amakhanda phansi. Kunalokho izinhlungu zasibeka kwelinye izinga. Kwenza sanyusa izinga okwaholela ekutheni sigcine sinqoba i-Afcon,” kuqhuba u-Ellis.
U-Ellis usekwenze konke neBanyana ngaphandle kwama-Olympic Games. Ngonyaka odlule unqobe i-Africa Cup of Nations waphinde wafaka iBanyana kuLast 16 eNdebeni yoMhlaba.
“Ngiyaye ngihlale ngizame ukuthi ngingazibeki phambili. Ngaso sonke isikhathi ngibeka iqembu phambili hhayi mina. Ngakho angifuni ukuzikhulumela mina kodwa ngizokhulumela iqembu. Uma kunento eyodwa esiphikisayo njengeqembu yiwona ama-Olympic Games,” kubeka u-Ellis.
IBanyana sekuzomele igxile emkhakhasweni wokuzama ukuvikela isicoco sayo se-Afcon ngonyaka ozayo eMorocco.
“Besiqonda kahle kamhlophe ukuthi sidinga igoli. Okwesibili besazi ukuthi igoli selidinga ngokuphazamisa kweso ngoba uma lithatha isikhathi ukuthi liqhamuke besizogcina sesixhamazela. Asiqalanga kahle. Uhlelo lokudlala sithe ukulishintsha uma uqhathanisa nomlenze wokuqala. Sikwenze lokhu ngoba besifuna igoli ngokushesha. Siqale ngabagadli abathathu phambili. Bathole ithuba elilodwa vo ngesiwombe sokuqala. Ngasohlangothini lwethu asizange sihlasele ngale ngendlela ebesihlele ukuhlasela ngayo ngesiwombe sokuqala. Senze izinguquko ngesiwombe sesibili sazama ukushintsha namaqhinga kodwa igoli laphika,” kuphetha u-Ellis.