Yini efika emqondweni wakho kuqala uma ubona ubuso bakhe noma igama likaDkt uLindelani Mkhize? Nakanjani…...
Kwenye inkathi into enhle iyaqhamuka esigamekweni kumbe kokuthize okungekuhle. NoMvelinqangi imbala wakwazi ukudala ukukhanya ekususela…...
UMama uYvonne Chaka Chaka owazalwa ebizwa ngoYvonne Machaka ngowezi-1965 kuNdasa zili-18 uwumculi, umbhali wamaculo, umlingisi, usomabhizinisi, inxusa aphinde abe uthisha eNyuvesi YaseNingizimu Afrika (UNISA).
Abahlali balapha eNingizimu Afrika bona babonakala bevakashela kakhulu izindawo eziseziqiwini behamba ngabodwana noma nabangani, iningi labo baphakathi kweminyaka engama-24 kuya kwengama-34.
Inkakha emculweni weJazz uGloria Bosman uyiciko elikwenza uzigqaje ngokuba ngowaseNingizimu Afrika ngenxa yokuhlabahlosa nokunotha komculo…...
Ubuchule, inhlonipho nokuzimisela uma engemuva kombhobho noma enabalandeli bukhoma kumenza abe nogazi kubalandeli nabalaleli abaqala ukumlandela esafika kule ndima.
Ukuthathwa kwezithombe zobukhosi nezizwe kuthole idumela kule minyaka
Ithemba liwumongo wemidwebo yakhe, esebenzisa abantwana nakholelwa ekutheni basuke bevuleka amehlo bebona ubuhle nokuhle okusezweni.
Ukuvilapha kwaboHlanga ukuhambela imibukiso yobuciko obukhokhelwayo kulambisa amaciko akithi.
Kusaseyinselelo enkulu kumaciko amaningi ukubeka amanani emisebenzi yawo, ukuzakhela igama, ukusebenzisana nezinkampani ezinkulu nokusayina izivumelwano ezizozuzisa wona isikhathi eside.
Kuzosetshenziswa ezokuxhumana kanye namaphodikhasti ukusabalalalisa ulwazi kusuka ngesonto elizayo
Ukubungazwa kokuzigcina kwentombi yinto emqoka kwaboHlanga abangabeNguni kusuka eNkabazwe. Ubufakazi abufunwa kepha kusobala ukuthi leli…
Njengoba amazwe esabhekene nempi yokhuvethe, akukho okutheni okwenziwayo ukubhekana nokuguquka kwesimo sezulu nobekulokhu kuyinsumansumane izifundiswa ezikhuluma ngayo, kepha manje esihleli obala emiphakathini yethu.
Leliciko elasishiya emhlabeni ngowezi-2000 lakhombisa okukhulu ukuzinikela endimeni yomculo, nokwathi noma lihlasewa ukugula kepha laqhubeka nokwenza amanoni ayethakaselwa ngabaningi ngenxa yokunotha kwawo ngokwakwenzeka kwezepolitiki ngalesi yasikhathi.
Esikhathini esedlule, ezemidlalo ikakhulu leyo ekhokhelwayo beyaziwa kakhulu njengento yabesilisa. Bewungeke nje ubone kunabesifazane abazibandakanya…...
Abaklami bezindlu abamnyama base-Afrika banomkhulu umsebenzi ekuqhakambiseni nasekulondolozeni izakhono zakudala zokwakhiwa kwezindlu besebenzisa ulwazi lobuchwepheshe…...
Izwe selivuliwe kodwa izindawo eziningi zokungcebeleka nalezo ezingamagugu esizwe nebeziheha izinkumbi zabantu sizozikhumbula ngokuvala kwazo…...
NgoMsombuluko isiteshi sikamabonakude i-Etv sidlale okokuqala umdlalo owuchungechunge obizwa ngokuthi iHouse of Zwide nongene esikhaleni…...
Amaciko amaningi athutheleke ezinkundleni zokuxhumana kuleli sonto ukuyokuzwakalisa ukungenami kwawo ngezigameko zakamuva ezinesihlava ezilokhu ziqhubeka…...
Imibala yinto sonke esiyaziyo njengabantu nesiyibona cishe ngayo yonke imizuzu uma sibhekisa amehlo noma yikuphi.…...
Abathandi bomculo weJazz onesigqi sase-Afrika abebehambele umcimbi obizwa nge-The Past Meets the Future with Zawadi…...
Umfanekiso weciko uToyin Ojih Odutola "Tell Me My Story, I Don't Care If It's True", oqhakambisa ukulalelwa kwezwi laboHlanga
Ukuhlabahlosa kwemidlalo yethelevishini kulezi zinsuku kuletha enkulu injabulo kubathandi bayo, abalingisi kanye nethimba lonke elisuke…...
Ukusebenzisana kwabasiki bengqephu abazimele kanye nezitolo ezinkulu sekuyinto ejwayelekile kulezi zinsuku. Ngaphambilini izitolo ezinkulu zazikujivaza…...