Now Reading
Izikhonzi zeSILO esidala: Zithi ilangabi loMkhosi WoMhlanga ngeke licime zikhona
Dark Light

Izikhonzi zeSILO esidala: Zithi ilangabi loMkhosi WoMhlanga ngeke licime zikhona

Ukubungazwa kokuzigcina kwentombi yinto emqoka kwaboHlanga abangabeNguni kusuka eNkabazwe. Ubufakazi abufunwa kepha kusobala ukuthi leli siko kanjalo noMkhosi WoMhlanga kuwubeke esicongweni wahlonipheka uZulu nabeNguni.

Njengoba kwabe kungasali ezindebeni zaso, iSILO esidala, uMdlokombane ukuthi ukuvuselelwa kwalo Mkhosi kwabe kuthungwa uZulu wangaleso sikhathi, wanamuhla nowakusasa. Akugcinanga lapho ngoba lo Mkhosi wadala ubunye, ukuzwelana nokuphilisana kuzo izintombi ezinye namuhla ezingogogo, abafazi kanye nabazukulu. Lo muzwa ubonakele muva nje ngesikhathi izintombi ebese zihlale emakhaya isikhathi eside zingawuhambi lo Mkhosi ngenxa yokhuvethe ziqhamuka nendlela eyehlukile yokuwubungaza nokuhlonipha ISILO esidala okuyiso esababuthayo.

Ngaphansi koholo lwaloyo owawuthwala umhlanga iminyaka eli-11 kwaze kwaba ukhululwa yiyo iNdlondlo, uNks uNonkanyiso Chonco owaziwa ngelikaLachonco uhlanganise izintombi ezingama-40 ezivela kweleNdlovukazi uMthaniya naseGoli ukuba zizokhwezela umsebenzi weSILO esidala.

Ekhuluma nelaboHlanga uLachonco uthe ukunqindeka bengahlangani bekubuhlungu futhi kwandisa izilingo kwabanye odade. “Njengoba izwe kade livaliwe nje, ziningi izintombi eziwile.
Khumbula ukuthi imvalelwekhaya idale ukuthi abantu babe nesikhathi esiningi ezandleni zabo bagcina sebefuna izindlela zokuqeda isizungu nomzwangedwa. Omama okuyibo abasemkhankasweni wokugqugquzela nokufundisa izintombi ngokuziphatha nokuzigcina ziyizintombi bese bengasakwazi ukukwenza ngendlela lokhu nokufinyelela kuzo izintombi ngenxa yokwesabela ukubeka impilo yabo engcupheni ngenxa yokhuvethe. Kepha ingcindezi kontanga ezinkundleni zokuxhumana nakho bekungamile. Yikho njengomuntu oseke wayihamba lendlela enhle yeSILO esidala ngabona ukuthi kubalulekile ukusebenzisa ithonya enginalo, ngokhele kulesi sibani ukuze silokhu silokoza nakuso lesi sikhathi izwe lisabhekene
nempi yokhuvethe,” kusho le ntokazi.

Eqhuba uthe yize noma inhlosongqangi yokuhlanganisa lezi zintombi bekungesikho ukuba noMkhosi WoMhlanga oseceleni kepha izimfundiso ezitholakala ngesikhathi kusalungiselelwa
umkhosi ezindaweni ezahlukene ukwandulela uMkhosi WoMhlanga nokwenzeka cishe unyaka wonke yizona abehlose ukuzigxilisa nokuzivuselela ezintombini abezihlaganisile nalezo ezilandele obekwenzeka ezinkundleni zokuxhumana.

“Uma ulandela imibiko yabezempilo nabomthetho uzothola ukuthi ziningi kangakazani izingane eziphakathi kweminyaka eli-12 neli-16 ezibelethile kusukela kube khona imvalelwakhaya. Izibalo ziyashaqisa, ikakhulu uma uthola ukuthi bangakanani ubudala labo
abakhulelisa lezingane. Lokhu kwenza uzibuze ukuthi imfundiso yasemindenini isishintshe kangakanani, nokuthi lingakanani iqhaza lokugqugquzela ukuzigqaja ngobuntombi bakho ezintombini, zingathatheki nje kalula uma ziyengwa ngezinto ezithile”, kusho yena.
Izintombi ebezihambele le khempu beziphakathi kweminyaka engama-21 nama-34, kanti ezikwaze ukulandela obekwenzeka ezinkundleni zokuxhumana.

Ekhuluma nelaboHlanga uYolanda, ongomunye wezintombi ebezihambele le khempu uthe ukuthokozele kakhulu ukuhlanganyela nezinye izintombi babungaze ubuntombi babo nokuyinto abesekade eyilangazelele. “Ukuba nezinye izintombi kunginikeze umuzwa ofanayo nalona esiba nawo uma siseMkhosini WoMhlanga. Ngaphandle nje kokuhloba ngemvunulo yesintu sibe bahle, ngibuye ngafunda lukhulu ngezinto ezithinta impilo yethu njengoba sisasebasha nje. Nokwehluka kwemikhakha esikuyo ngokwemisebenzi kwenze sakhanda ubuhlobo obusha, savuselelana saphinde sahlonyiswa ngolwazi yilabo abebeseluleka”.

Le ntokazi ebizwakala ngisho ekukhulumeni kwayo ukuthi isagcwele injabulo, ibe seyinxusa ukuba izintombi zingadikibali kepha zilokhu zizikhumbuza ukuthi ubuntombi bazo buyigugu okumele zizigqaje ngabo.

See Also

UNks uGugu Chonco ongomunye wezintombi ebezihambele lekhemphu naye uhambe emazwini kaYolanda, wathi yize kungelula ukuzigcina uyintombi nto esikhathini samanje kepha kuyenzeka, uma nje izintombi zizozikhumbuza ngaso sonke isikhathi ukubaluleka kwakho.

“Le khempu ibe yilokhu ebengikucabanga nangaphezulu kimi. ULaconco ungomunye wabantu esimaziyo eMkhosini WoMhlanga nesengiwumbele iminyaka eli-15. Ukungakwazi ukuwuhambela nyakenye nakulo nyaka kube yinto ebuhlungu impela, kepha siyazibonga izaba ezikanjena nezenziwa ngabanye ukuba lo mlilo ungacimi, kunalokho siwokhele nakwabanye ube yilangabi kuze kube siyakwazi ukuhlangana futhi,” kusho lentokazi esebenza emkhakheni
wezokuxhumana.

Kuyisimanga ukuthi ukwenzeka kwento eyodwa kungaba nomthelela ongakanani ekwenzekeni kwenzinye izinto, ngisho noma zingahlobene kangako. Eqhubeka ekhuluma nelaboHlanga uLaconco uthe: “Ukusabalala kokhuvethe kuyinselelo okusasewumqansa ukuwunqoba unomphela, kepha uma singenza izaba sisebenzisa lokhu esinakho singakwazi ukuqhakambisa ukubaluleka kwalokhu ebesikwenza.”

Izintombi zihlale izinsuku ezimbili, zigiya nemitsha yazo kunjeya. Khona lapho bekunezifundo ezithinta ukukhula kwentombi.

Scroll To Top