Usuke obhuqwini lwasemakhaya waba yintandokazi evelele ezweni
Imidwebo yakhe eyaziwa ngokushintsha indlela izithombe zezingane zase-Afrika ebezivezwa ngayo ngaphambilini – lapho zidabukisa, zingcolile futhi zingenathemba – akekho ongafuni ukuba nayo emakhaya abo. Lowo nguMnu uNelson Makamo oyiciko laseNingizimu Afrika nowazalelwa edolobheni iModimolle eLimpopo ngowezi-1982 kepha manje osezinze eGoli.
Ubuhle bomsebenzi wezandla zikaMakamo, ubunyonico bendlela axoxa ngayo indaba ngemidwebo eveza ubuso obusondeziwe bezingane esebenzisa i-charcoal nowoyela bese ebuhlobisa ngezembatho ezigqamile yikhona okumubeke ebalazweni.
Waziwa umhlaba wonke kanti imidwebo yakhe ithakaselwa uwonke wonke kuhlanganisa nosozigidi u-Oprah Winfrey nowazifikela mathupha esitebeleni adwebela kuso ngenxa yomuzwa lezi zithombe ezinawo. Le nsizwa eqale kulo mkhakha wezobuciko eminyakeni eli-16 edlule emva kokuqeqeshwa e-Artist Proof Studios eGoli, ikwazile ukukhulisa ikhono layo yalenza laba umsebenzi negama wonke umuntu afuna ukumataniswa nalo.
Imidwebo yakhe isikhonjiswe lapha ekhaya, e-USA, eFrance, e-Italy, eNetherlands, eNgilandi naseScotland kanti isike yavela emibukisweni evulelekile yezicukuthwane eziqavile naleyo yangasese. Useke wasebenzisana futhi nabakwaGeorgio Armani, abakwa-Annie Lennox noTelkom kanti ngowezi-2019 umsebenzi wakhe kugqokiswe ngawo iphephabhuku eliqavile iTimes ngoshicilelo lwabo olwaluthi ‘Optimists” waphinde waba sohlelweni iThe Daily Show with Trevor Noah.
Ithemba liwumongo wemidwebo yakhe, esebenzisa abantwana nakholelwa ekutheni basuke bevuleka amehlo bebona ubuhle nokuhle okusezweni.