Ukulumbana kwemibala ekwakheni isimomqondo esiphelele kumuntu


Imibala yinto sonke esiyaziyo njengabantu nesiyibona cishe ngayo yonke imizuzu uma sibhekisa amehlo noma yikuphi. Imibala le inelikhulu ithonya endleleni esicabanga ngayo izinto nokusebenza kwesimomqondo somuntu ngisho entweni encane njengokunquma ukugqoka uthayi obomvu ngaphambi kokuma phambi kwabantu ukuze uzoba nesithunzi nethonya.
Ngokusho kukaSosayensi wengqondo uSolwazi uBeau Lotto, into yokuqala ebonwa amehlo umbala omhlophe nomnyama kuye ngokuthi kunokukhanya okungakanani ngaleso sikhathi umuntu abuka ngaso. Ingqondo ibe seyihlaziya lemibala emibili ngokukhulu ukushesha ukuze okubonayo kuzoba nemibala eyahlukene engaphezu kwemibili. Lokhu kusiza ekutheni umuntu akwazi ukubona izinto ngemibala eyahlukene lapho asuke ekhona nokusiza ekuhlaziyeni okungaba ingozi noma okuhle okuphambi kwakhe.
Imibala iyehluka kanti nezizwe eziningi ziyisebenzisa njengendlela yokudlulisa umyalezo othize ngokuyinikeza izincazelo. Nathi njengabeNguni sineyethu indlela esisebenzisa ngayo imibala ngokwehluka kwayo, kuye ngosikompilo lomuntu. Izimbongi ziyaziwa kakhulu ngokwembathisa imizwa ngemibala uma zikhuluma ngokudabukisayo noma okuthokozisa inhliziyo. Abadwebi nabacwali abaningi ikakhulu labo abenza imisebenzi yokuhlobisa izindlu kumbe impahla bachitha eside isikhathi behlaziya imibala ukuze izohambelana nohlobo lomuntu osuke ezosebenzisa igumbi noma impahla abasuke beyicwala.
Ngokusho kukaNks uThandeka Mhlungu onguSonhlalahle imibala iphinde ithikameze ukusebenza komqondo womuntu osinde esehlakalweni esithize, naqhuba athi ukushintsha imibala emzungezile kuyakunciphisa ukuthuka nokwesaba kwakhe kusheshise ukwelapheka kwakhe.
Kuhle uke uzinikeze isikhathi, uvale amehlo bese uvumela umqondo wakho usabalale ubone mingakanani imibala ezovela ngaleyo mizuzwana nje. Udonse umoya. Uwudedele. Ukuphinde kathathu lokhu. Bese uvula amehlo futhi. Ubonani manje?