Now Reading
Masidonse kanye kanye: Ukusebenzisana nezitolo ezinkulu kugqamisa abasiki bengqephu boHlanga
Dark Light

Masidonse kanye kanye: Ukusebenzisana nezitolo ezinkulu kugqamisa abasiki bengqephu boHlanga

Ukusebenzisana kwabasiki bengqephu abazimele kanye nezitolo ezinkulu sekuyinto ejwayelekile kulezi zinsuku. Ngaphambilini izitolo ezinkulu zazikujivaza lokhu, zikubuka njengechilo elalingathunaza igama lazo kanye nendlela ezizimaketha ngayo kubathengi kodwa manje sekuhlalukile ukuthi empeleni ubudlelwano obunjena yibona obunamandla okusabalalisa imikhiqizo kubathengi abehlukene.

Izitolo ezinkulu ziya ngokuya zivuleleka ekusebenzisaneni nabasiki bengqephu boHlanga, ikakhulukazi labo abasebancane ngenhloso yokuthuthukisa ukuthengwa kwezimpahla zabo nokusabalalisa igama labo.

Ngibe nengxoxo noNokwanda Ngcobo (osesithombeni) ongumsiki wengqephu waseThekwini noke waba ngaphansi kwephiko likaDavid Tlale owaziwayo kwezemfashini ngaphambi kokusungula ilebuli yakhe yezimpahla zabesifazane abasemgangathweni ebizwa nge-8th Wanda.

Ngokusho kwakhe ngaphambi kokusebenzisana nesitolo iThe Space amanye amakhasimende akhe ayekuthola kunzima ukuthola izimpahla zakhe. Le ntokazi eqale ngonyaka wezi-2017 ukuphakela isitolo iThe Space esiseGateway Mall naseThe Pavillion, igxile kakhulu kwabesimame abondlekile ngomzimba, asebesezingeni elingcono lempilo nabathanda izingubo ezisesitayeleni kodwa ezibakhululayo.

Emveni kwalokhu kusebenzisana neThe Space uNokwanda akabange esabheka emuva njengoba ebe esehlangana nozakwabo uSibu Msimang, uKhwezi Nkomo, uMandi Zuma noZama nabo abangabasiki bengqephu abazimele, basungula isitolo sabo esibizwa ngeThe Fifth nesitholakala eGlenwood Village khona eThekwini.

See Also

Lokhu bakwenza ngoba bebona igebe nokubaluleka kokusebenzisana ekuthuthukiseni ukusabalala kwemikhiqizo yabo nokuzibambela mathupha ebhizinisini labo. Yize noma ukhuvethe lube nomthelela ongemuhle kodwa ukusebenzisa i-inthanethi kubawezile ekuxhumaneni namakhasimende abo.

Njengamanje basezinhlelweni zokuyokhangisa kuLagos Fashion Week eNigeria ngasekupheleni kwalo nyaka.

Scroll To Top