Lindelani okuhle njalo kokaKhabazela


Yini efika emqondweni wakho kuqala uma ubona ubuso bakhe noma igama likaDkt uLindelani Mkhize? Nakanjani iqembu lomculo wokholo, iJoyous Celebration. UDkt uMkhize waziwa kakhulu ngegalelo lakhe endimeni yomculo, ikakhulu ekuvundululeni amaciko amasha nasekwakheni izizinda lapho amaciko ezobonakalisa khona iziphiwo zawo.
UKhabazela ongusomabhizinisi wenza umsebenzi wokukhiqiza umculo engagcinile kuphela kowokholo kepha noweKwaito, we-Afro-Pop noweJazz. Umsebenzi odlule esandleni sakhe unendlela ozwakala ngayo, ngenxa yesigqi oba naso. Eminye yale misebenzi ihlanganisa amanye amanoni kaMama uSibongile Khumalo ongasekho. Ngaphansi kwenkampani yakhe yokuqopha ebizwe ngeLindelani Mkhize Entertainment usesebenze nenqwaba yamaciko, ewacija nangendlela ezowenza akhule kule ndima.
Iqembu iJoyous angomunye wabasunguli bayo ekanye noMnu uJabu Hlongwane noMfundisi uMthunzi Namba balisungula ngonyaka we-1994 kanti kulo nyaka lizobe ligubha unyaka wama-27 laba khona. Ngonyaka wezi-2008 waphinde waba neqhaza elikhulu ohlelweni lwethelevishini olubizwa nge‘I Want To Sing Gospel’ nelalivundulula amaciko emculweni wokholo. Waphinde waqokwa njengomehluleli amasizini amabili ohlelweni iClash of the Choirs South Africa neyabukiswa kuMzanzi Magic ngowezi-2013.
Nyakenye uhlonishwe iNyuvesi yaseZululand ngeziqu zobudokotela emkhakheni wokuthuthukiswa komphakathi (PhD in Community Development) ngenxa yeqhaza lakhe kwezomculo eNingizimu Afrika.