Ukuphokophelela kwelenyoni kuzovezwa umdlalo wakhe kuthelevishini


Ukuhlabahlosa kwemidlalo yethelevishini kulezi zinsuku kuletha enkulu injabulo kubathandi bayo, abalingisi kanye nethimba lonke elisuke lisebenza kule midlalo. Nokwanda kwezinkundla zokubukela le midlalo ezinjengeNetflix, Showmax, nezinye sekuvulele ababhali kanye nabaqondisi bemidlalo abaningi ikakhulu abasebancane ithuba lokuba bakwazi ukukhombisa imidlalo yabo kuthelevishini nakuzo lezi zinkundla.
Nyakenye isikhulu esengamele ukuhlelwa kwezinhlelo zase-Afrika eNetflix uDorothy Ghettuba sathi bayakholelwa kakhulu ezindabeni ezixoxwa ngabanikazi bazo ngoba ziyanemba ngamaqiniso obunjalo bempilo ngaphandle kokuhlanekezela nokuvuna uhlanga, ulimi noma umlando othize, ugqibe omunye.
Yingaleso sizathu esenze ngakhuluma nensizwa esencane yaseMthwalume ogwini olusezansi nesifundazwe nesizinze eGoli, uThabiso Mkhize (28) osebenza njengoMqondisi nombhali womdlalo ozobe ukhonjiswa okokuqala ngqa kuMzansi Magic ngoMgqibelo mhla zingama- 26 kwephezulu. Lo mdlalo oyifilimu nobizwa ngokuthi: “Phakathi eGoli”, uveza ububha nobunjalo bempilo yabahlali basemgwaqeni, ukuzikhandla nokuba nesimo somqondo esibukhali nesihleze siphokophelele phambili.
“Lona umdlalo wami wokuqala ozokhonjiswa kuMzansi Magic 161, nokuyinto engiyijabulela kakhulu njengoba uMzansi uzobona ubunjalo bempilo ngelinye iso kanye nokunotha kwekhono lami nokufana nesigxiviso esiqinisekisa ukuzikhandla kwami yonke le minyaka edlule”, kusho le nsizwa neqale kulo mkhakha ilolongwa ngaphansi kohlelo lwabakwaMultiChoice lokuthuthukisa ikhono lababhali nabaqondisi abasebancane.
Yize noma ziningi izingqinamba kulo mkhakha kodwa alukho ungabazane ngempumelelo yale nsizwa eqhuba ithi ukuzinika isikhathi, uthando lokubhala nokwazi ukuthi ufuna ukugxila kuluphi uhlobo lwemidlalo kwenza izinto zibe ngcono ngaso sonke isikhathi.