Now Reading
Ulozolo Lwemvunge: Umzwilili owanelisa inhliziyo ngoweJazz
Dark Light

Ulozolo Lwemvunge: Umzwilili owanelisa inhliziyo ngoweJazz

nguSiyabonga Mtetwa

Inkakha emculweni weJazz uGloria Bosman uyiciko elikwenza uzigqaje ngokuba ngowaseNingizimu Afrika ngenxa yokuhlabahlosa nokunotha komculo wakhe. Ukumethula njengenkakha kulo mkhakha impela kumfanele ngenxa yezindondo asehlonishwe ngazo ezihlanganisa ezamaSouth African Music Awards (SAMA) ezi-2, naseqokwe kuwo izikhawu ezili-11 bese kuba iKORA nayo aseqokwe kabili kuyo.

Le ntokazi ezalelwe eSoweto inendlela eyehlukile ecula ngayo, yize noma yaqala ukuziqeqesha ngomculo we-Opera; nokungenzeka yiwo oba nomthelela endleleni ahlanganisa ngayo amanoni aziwa ngawo. Uhlobo lomculo wakhe lungachazwa ngokuthi i-Afro Soul kepha uma esegibele esiteji, emi phambi kwabalandeli bakhe abamuzwa ekhaleni uyaye awethule ngomuzwa ofudumele onesigqi seJazz nokumenza intandokazi kwabaningi. Useke wacula nabaculi abavelele abanjengoHugh Masekela, uSibongile Khumalo (abangasekho), uSipho Mabuse nabanye.

Wonke amaqoqo omculo ayisihlanu asewaqophile enza kahle kakhulu ezimakethe. Okuyilo elavelela kakhulu elibizwa ngeTranquility ilona awola ngalo indondo yeBest Newcomer waphinde waqokwelwa kweyeBest Contemporary Jazz Album neBest Female Artist kuSAMA angawezi-2001. Iqoqo lomculo agcine ngalo, “Emzini”, nalo lenza ezibukwayo njengoba lathakaselwa kakhulu emisakazweni eminingi nakuthelevishini.

See Also

Ugqozi analo nokuphikelela njalo yikhona okusimamise okaBosman endimeni yomculo, kwamenza intandokazi kwabaningi, ngisho amaBhunu imbala njengoba eseke waba kumafestivali asuke ehlelwe yiwo okubalwa kuwo i-Aardklop, iKKNK neSkouspel ebanjelwa eSun City.

Scroll To Top