Izakhono Zakudala: Zingabeka i-Afrika ebalazweni


Abaklami bezindlu abamnyama base-Afrika banomkhulu umsebenzi ekuqhakambiseni nasekulondolozeni izakhono zakudala zokwakhiwa kwezindlu besebenzisa ulwazi lobuchwepheshe kanye nolwezinjulalwazi zesintu. Lokhu kuzosiza kakhulu ikakhulu esikhathini samanje lapho kucaca ukuthi eziningi izingqinamba zase-Afrika zingaxazululwa abahlali bakhona nabaluqondayo usikompilo lwabo.
Awumningi umlando oveza izakhono zakudala nomklamo wezindlu zasezingxenyeni ezahlukene e-Afrika ngaphambi kokucindezelwa kwayo ngabamhlophe, ikoloni. Yingakho ngihleze ngikutusa ukuphila esikhathini lapho sisenabo abantu abakukhathalelayo ukugcinwa komlando nabazihluphayo ekuwucwaningeni nasekuwuvukuzeni ngaphandle kokudelela kumbe ukwenzelela ekuwethuleni kwabo.
Uma ukhuluma ngezakhiwo ezidumile zase-Afrika, okuyizo ezifika kuqala emqondweni womuntu kuba ezaseGibhithe ezaziwa ngama-Pyramids nazo ezigqamiswe kakhulu yinkolo njengoba kunezahluko ezahlukene eMbhalweni oyiNgcwele ezikhuluma ngomsebenzi wokwakhiwa kwazo. Yize noma lemibhalo iveza ngokusobala ukujivazwa nokugqilazwa kwalabo ababengabakhi, ababexova udaka, ababebeka nababephahlela njalo njalo kodwa ukwakhiwa kwazo kwalibeka ebalazweni elaseGibhithe kwaphinde kwaqinisa isithunzi nokuhlonipheka kwalo kwamanye amazwe.
Izakhiwo eziningi uma uzibheka, ulandela nomklamo wazo uyathola ukuthi zakhandwa zisuselwa emazweni aphesheya ngesikhathi sokucindezelwa. Eziningi zazo zisebenzisa kakhulu amandla kagesi kanti ezinye azihambelani nesimo somoya sase-Afrika. Ekwakhiweni kwazo, kwalethwa nezitshalo ezagcina zilimaza imvelo yendawo (invasive alien plants) namanzi angaphansi komhlaba.
Njengoba sibhekene nesimo sokushisa kakhulu komhlaba (global warming), abaklami bezindlu banelikhulu iqhaza ekuthuthukiseni izakhiwo zaboHlanga, abampisholo nalezo zomphakathi nezizoletha inhlonipho nesizotha ezindaweni ezikhandwe kuzo ziphinde ziqhakambise ubuhle bezindawo nemvelo nokusimama komnotho.
Ukubeka i-Afrika ebalazweni kudinga kube nokulumbana kwemumva nengaphambili, kuqhakambiswe ubuciko baboHlanga futhi kulotshwe phansi ukuze nezizukulwane ezizayo zizokwazi ngakho.
Nyakenye uMnu uDavid Adjaye ongumklami wezindlu owaziwa ngezakhiwo ezibungaza ziqhakambise ubuciko base-Afrika wethule umklamo wesakhiwo soMtapo Wolwazi esizoba senhlokodolobha neGoli esibizwa ngokuthi iThabo Mbeki Presidential Library nesingesinye sezakhiwo zomlando esishicilelwe ngabe-2021 RIBA Royal Gold Medal Winner njengesiseqopheleni eliphezulu nesigqugquzelwa ukuvuselelwa nokuhlonishwa komlando wase-Afrika.
“Lesi sakhiwo esiqanjwe ngalowo owake wabe uMengameli waseNingizimu Afrika uMnu. uThabo Mbeki, sizoba ngesisha esizokwamukela izingcithabuchopho zase-Afrika nezangaphandle ezindabeni ezimayelana nomhlaba, siphinde ibe indawo yokuhlanganyela ekuvuseleleni umlando we-Afrika”, kusho uMnu uAdjaye.
Lesi sikhungo sinamagumbi ehlukene ahlanganisa awokufunda, ukwenza ucwaningo, ukucobelelana ngolwazi lwamasiko, indawo yezingxoxo yabesifazane ekhethekile, i-museum, indawo yemibukiso yesikhashane (exhibition), isitolo, amahhovisi, awokugcinwa kwemilando, awemibukiso yedijithali njalonjalo.
Lo mklami owazalelwa eTanzania wabe esekhulela eLondon usezakhele olukhulu udumo emkhakheni wemiklamo yezakhiwe ngokuba nekhono lokuhlanganisa izolo nephambili kuyona yonke imiklamo yakhe. NjengoSolwazi, usechithe iminyaka eyevile kweyi-11 enza ucwaningo ngamazwe ase-Afrika nezizwe eziphila kuwo, ebuka usikompilo, imikhuba namasiko awo bese efunda ngezindlela zalezi zizwe ekwakheni imipheme yomphakathi kanye neyemindeni yayo. Yileso sizathu esimenze washicilela elinye ibhuku elingalo ucwaningo lwakhe lapho ebheka ubudlelwano phakathi kwezakhiwo zase-Afrika nokuguquguquka kwezulu (global warming) nokuthi yiziphi izisombululo esingazifunda ekwakhiweni kwazo.
UKunlé Adeyemi ongumklami wezindlu nezakhiwo ezinkulu zomphakathi naye uyakufazela ukuqhakambiswa kwefagugu laboHlanga ekwakhiweni kwezindlu zasemadolobheni. Leli ciko elingelaseNigeria ukuzalwa kodwa elibuye lisebenzele eNetherlands laziwa kakhulu ngokulwisana nezinkulumo ezithi uma kuthuthukiswa izakhiwo zase-Afrika kumele kubukelwe emazweni aseNtshonalanga. Amagalelo alensizwa ayaziwa kakhulu emkhakheni wezokwakhiwa nokuhlelwa kwamadolobha asemazweni adume ngezimpi zemibusazwe ase-Afrika njengoba ekholelwa kakhulu ekutheni abantu abahlala edolobheni kumele babe yingxenye yokwakhiwa kwezindawo abazohlala kuzo.
Esinye sezakhiwo aziwa ngaso isikole esintantayo, esikhandwe endaweni enamanzi eLagos esifundeni iMakoko. Lesi sifunda sisendaweni enamanzi vele njengoba sisechwebeni, kanti sizimele njengoba uHulumeni engazigqiziqakala ngaso. Inani lokwakha lesi sikole saba sincane ngoba basebenzisa ulwazi lwendawo, umphakathi kanye nendlela yokwakha evumelana nendawo njengoba umphakathi wakulesi sifunda uhlwempu futhi uziphilisa ngokudoba.