Ukubaluleka kokweseka imibukiso yobuciko ekhokhelwayo
Imikhosi, imibukiso nemicimbi emikhulu yesintu yaziwa ngokuba nedumela ezinhlangeni eziningi, kuye ngokwehluka kohlanga namasiko alabo bantu noma umphakathi lowo. Ngokwejwayelekile le mikhosi isuke ivulelekile kuwona wonke umuntu walolo hlanga, ingekho imali yokubhalisa kumbe okuthize okumele kuhambiswe ngaphambili ukuze abantu bezoba ingxenye yayo.
Ukuhlelwa kwale mikhosi kuhlobaniswa nezikhathi zonyaka imvamisa okuba ihlobo nokuyilapho izitshalo ezisuke ziqhakaza khona ngenxa yenala lezimvula. Impumelelo yale mikhosi yesintu ikalwa ngeqhaza layo ekuthuthukiseni usikompilo nokusabalalisa ulwazi lwesintu bese kubhekwa nenani labantu abayihambelayo nokuthi babusa kangakanani kuyo.
Imikhosi yesintu nokho yehlukile kunemibuthano yobuciko obehlukene obukhokhelwayo bona obuba nesikalo esithize sezihambeli ezivunyelwe (ngaphandle kwemithetho yokhuvethe) nexuba izinhlanga ezahlukene, yize noma zikhona izinto ezingamataniswa nemikhosi yesintu kuyo. Kule ngosi yanamuhla sibheka ukubaluleka neqhaza elingabanjwa ubuciko namasiko ukukhuthaza ukuzwana nokubekezelelana ngokwamasiko nokuvuselela ubuntu phakathi kwezinhlanga ezahlukene kanye nokubaluleka kokweseka imibukiso yobuciko obukhokhelwayo (exhibitions and showrooms).
Izibhelu ezenzeke ngenyanga kaNtulikazi zikuvezile ukungahoshelani kwaboMdabu waseNdiya naboHlanga nokutatanyiswa kwabaMhlophe nguHulumeni. Lokhu-ke kudalwa umlando sonke esiwaziyo onezilonda eziningi ezihleze zicumbazwa ngaphandle kokuzelapha.
Yikho lokhu okwenza ngibheke zindlela ezingasetshenziswa ukwenza izizwe zamasiko ehlukahlukene zikwazi ukwazana kangcono nokungaholela ekuhloniphaneni kanye nasekuhlalisaneni ngokuzwana.
Uma sibheka imibiko yocwaningo lwezazi zolimi ziyaye zihlahlele kabanzi amagama abumbe izincazelo ezahlukene ezichaza isiko, kuvele umongo wesiko njengomthetho wesizwe oyinkolelo yokwakha umphakathi, ukuzazisa nokwehluka kwesizwe kwezinye, ubugugu, ukuziphatha kanye nendlela yokuphilisana ngokwabelana kwabantu nokuhlanganisa impilo yabantu. Yingakho kubalulekile ukubheka iqhaza elibanjwe ngumkhakha wezobuciko namasiko ukuphumelelisa impokophelo yoMnyango Wezemfundo noMnyango Wamasiko Nezemidlalo nokuyilapho kuye kwavela khona ukugqugquzela nokulondoloza amagugu esizwe kanye nokuthuthukisa imisebenzi yezobuciko namasiko njengeminye yemisebenzi esemqoka yalolu phikoeminyakeni engaphambilini.
Lokhu kusisiza uma kucutshungulwa eminye yemikhosi egujwa yisizwe samaZulu okubalwa phakathi kweminye, uMkhosi WoMhlanga; uMkhosi WeLembe (iNkosi uShaka) kanye noMkhosi Wokweshwama. Ukwazi umsuka kanye nomongo womkhosi ngomkhosi ngenhloso yokuthola ukufana kokuqukethwe nokungaholela ekwakheni ukwazana kangcono ngenxa yomongo ofanayo oqukethwe yisiko lesizwe nesizwe.
Nokubheka neminye yemikhosi egujwa yisizwe samaNdiya okubalwa kuyo umgubho woBuciko Bomlomo; umgubho kaDiwali kanye naleyo egujwa ngokuhlanganyela kwezinhlanga ezahlukene zaKwaZulu-Natal okubalwa kuyo umgubho woKunambitha kanye noWesitimela. Lolu lwazi lusivezela okulandelayo njengalokho okungabamba iqhaza ukukhuthaza ukuzwana nokubekezelelana ngokwamasiko nokuvuselela ubuntu: ukufundisa ngamasiko; ukusebenzisa ubuciko namasiko ukuvuselela ubuntu; ukuthuthukisa izilimi zomdabu; ukuziqhayisa kwentsha ngesiko; ukukhuthaza ubusikoningi kanye nobuliminingi.
Kanjalo, nobuciko obukhokhelwayo ngaphandle kokungabaza bungeminye yemibukiso ebaluleke kakhulu emphakathini. Kungaba umculo, ukudweba, ukulingisa neshashalazi, ubuciko obuhle noma umdanso, ngayinye yale misebenzi ingaba lula njengokuxakile kuya ngamehlo ayibonayo. Kepha ukungabeseki abahleli bobuciko okukhokhelwayo namaciko asuke ethula lemisebenzi kuyisici kithi njengomphakathi, ikakhulu aboHlanga. Njengoba izwe selivuliwe, ukuba abantu bathamele imibukiso eyahlukene kuhle ukusebenzisa lesi sikhathi ukujulisa umqondo kubuciko obuhle obukhonjiswayo ezindaweni ezahlukene ezibukisa ngobuciko.
Abantu bavame ukukhula uthando olukhulu lobuciko uma bazi ukubaluleka kwakho nokuthi kunaliphi ithonya kusimomqondo somuntu ngamunye nendlela abuka ngayo izinto nokwenzeka umuntu enganakile. Kuyinto engafaniswa nokuzondla ngezincwadi ezinothe ngolwazi oluhluzwe izingcithabuchopho nezazi; kwesinye isikhathi ubuciko buba yingxenye yempilo yakho yansuku zonke futhi ngenxa yalokhu, ubuciko abunakwa. Isibonelo salokhu kungaba ngumuntu osemusha olalela umculo nsuku zonke futhi angaboni ukubaluleka okungaba nawo empilweni yakhe ngenxa yokuthi ujwayele futhi uvame kangakanani empilweni yakhe, ikakhulu uma ezivocavoca noma efuna ukugxila kokuthize isikhathi eside njengokutadisha.
Okuhle okwenziwe ngabahleli bemibukiso yobuciko obukhokhelwayo kube ukuzilungiselela ngaphambi kokuvulwa kwezwe. Abahleli bale mibukiso bayiqale ngenyanga yamagugu eminingi yayo nehlanganisa iTurbine Art Fair (TAF) ezobe ingeyesishiyagalolunye kulo nyaka evulwe izolo kusihlwa nezoze iphele ngeSonto zi-3 kuMfumfu eSandton.
Kulindeleke amaciko aseNingizimu Afrika azobukisa ngobuciko angama-30 namaciko abalelwa e-184 avela ezansi ne-Afrika ukuzosingatha lombukiso onedumela. Amaciko azobe ebukisa okokuqala abephekwa nguNkhensani Rihlampfu noThembi Mantroshe.
Lo mbukiso owasungulwa ngowezi-2013 nosewusingathe ngempumelelo imibukiso emikhulu sewube neqhaza elikhulu ukuthuthukisa amaciko amaningi asasemasha endimeni ngokuwahlanganisa nezindawo ezibukisa ngobuciko, abathengisi bobuciko, abahleli bayo nabathandi bobuciko. Amathikithi asatholakala ku: www.turbineartsfair.co.za ahlanganisa namanani abafundi kanti yenziwe ngokuhlanganyela ne-Art Sy.
Inyanga esiphuma kuyo, uMandulo, iphele amaciko amaningi engaphathekile kahle maqondana nombiko obewuthulwa nguNgqongqoshe uMnu Nathi Mthethwa ngodaba oluthinta ukuxhaswa kwamaciko ngesibonelelo sokhuvethe ngabakwaNational Arts Council nabo abayingxenye yalo mbukiso. Imibuzo amaciko abekade enawo igcine ingaphendulwanga nguNgqongqoshe nokwenza inqwaba yamaciko ibe nesikhathi esinzima njengoba ukhuvethe lukhahlameze umkhakha wobuciko nje.