Isilinoni imibukiso yobuciko kwabasha boHlanga





Kunesikhathi ngaphambilini okwabe kwaziwa ukuthi umuntu ohambela amazwe ehlukene eqongelela ubuciko okungaba imifanekiso edwetshiwe nokubaziwe usuke engeyena owoHlanga , eyisiqumama futhi esekhulile ngeminyaka, kepha lokhu sekuguqukile.
Intsha yaboHlanga seyingenisile kakhulu kulomkhakha wokulondolozwa komlando kanye nokuqoqa ubuciko obuthize ngenkolelo yokuthi eminyakeni ezayo buzobe sebunenani eliphezulu, kwazise buzobe bungasatholakali kalula.
Esikhathini lapho ezokuxhumana sezikwenza kube lula ukuxhumana namaciko emhlabeni jikelele, ubone imisebenzi yawo nikwazi ukuhwebelane kuthi nempahla leyo ithunyelwe kuwe ngesikhathi esikuwukuphazima kweso – kuvule amanye amathuba okuhwebelana ngobuciko abengekho ngaphambilini.
Yize kunjalo, kusaseyinselelo enkulu kumaciko amaningi ukubeka amanani emisebenzi yawo, ukuzakhela igama, ukusebenzisana nezinkampani ezinkulu nokusayina izivumelwano ezizozuzisa wona isikhathi eside. Yikho lokhu okwandisa lolugqozi kubantu abasha abangesiwo amaciko kepha abanekhono lokuthengisa ngobuciko, kanjalo nalabo abayiwo amaciko kepha asebenolwazi olubenza bakwazi ukucathulisa abanye.
Insizwa esencane uBanele Khoza owakhulela eHlatini eSwazini ngaphambi kokufudukela eNingizimu Afrika ngowezi-2008, ungomunye wamaciko asemancane kepha amagalelo akhe ahlonishwayo kakhulu kwezobuciko. Umsebenzi wakhe wakamumva uboniswe e-Zeitz MOCCA eKapa, ulandela eminye aziwa ngayo ngemibala egqamile eyenziwe yabukeka njengemizimba yabesilisa nasebenzisa i-Lithography ekuyenzeni.
Ngowezi-2018 wavula indawo lapho asebenzela khona wabe esenikeza namanye amaciko ithuba lokuba atshengise ngemisebenzi yawo kulesi sitebele sakhe. UKhoza oke waba umfundisi wabo ubuciko eNyuvesi iTshwane University of Technology wadonsa amehlo abahleli bemibukiso yobuciko baphesheya ngemva kokuhlabana ngomklomelo we-Gerard Sekoko Award owawuhlelwe yi-ABSA Art Gallery ngowezi-2017.
Ephawula ngokubaluleka kokwandiswa kwezindawo ezigcina ubuciko emiphakathini uthe: “Iyangithokozisa kakhulu inkululeko engiyithola ngokuhlala eNingizimu Afrika ngoba ingivumela ukuba ngikwazi ukukhuluma ngezinto ezithinta ubulili kepha abantu abasabayo ukukhuluma ngazo emiphakathini yethu, bese mina ngizixoxa ngemidwebo yami. Ukunotha kwamasiko yikho okungigqugquzela kakhulu ukuba umsebenzi wami ngiwenze ube ngabantu abafana nami ukuze uzoba nesisindo nokujula. Lokhu kwenza ukuthi abantu bakwazi ukuvuleleka, bakhulume ngabakubonayo bese beba nendlela entsha yokuqonda.”
Umsebenzi wamaciko awuhlomekelwa. Uba nendlela owethulwa ngayo kubantu nokuyiyo eyenza ukuba abantu bazibone kuwo – okungabenza bawuthakasela noma bangawemukeli. Ekugcineni, iciko lisuke likwazile ukudlulisa umyalezo noma umbono walo ngokuthize. Ngeshwa nokho, amaciko amaningi akusiwo abantu abakhonze ukwaziwa, kanjalo nemisebenzi yawo ingagcina ingabonwanga muntu ukube kuya ngawo ngenxa yokungabi nolwazi lokuyethula kubantu, ukuyithengisa nokuthi igcinwa kanjani ukuze ingaphelelwa ubunjalo bayo. Khumbula, amaciko amaningi asebenzisa ikhono ayezalwe nalo noma alithola kothize emndenini, bese elisebenzisa lelokhono njengendlela yokuzithokozisa wona kuhle kwezingane ezidlala ibhola emgwaqeni ezingabheke kunconywa ngalokho.
UThandi Sibisi ( osesithombeni) yintokazi eyaziwayo kakhulu njengokuba ngowesifazane woHlanga omncane kunabobonke eNingizimu Afrika ukuba asungule indawo ehlela imibukiso yamaciko, iqoqe ubuciko, ihwebe ngobuciko iphinde igaye imifanekiso emikhulu edwetshiwe. UkaMahlase usesebenze namaciko ahlonishwayo kuleli, ehweba ngemisebenzi yawo futhi etshengisa ngayo esitebeleni sakhe esaziwa ngokuthi iSibisi Gallery esisungulwe ngowezi-2012.
Le ntokazi ithi iyakholelwa kakhulu ekutheni iNingizimu Afrika ayinothile nje kuphela ngamaciko asezingeni eliphezulu nosikompilo kepha nabathandi bobuciko abangomacaphuna kusale futhi abangenayo inkinga yokutshala imali emkhakheni wobuciko bakhona.
“Ukungena kwami emkhakheni wobuciko kwagqugquzelwa kakhulu yindlela engakhula ngayo. Usikompilo nobuciko base-Afrika yikhona engigxile kakhulu kukho ngoba bukimi futhi ngikhule ngakho,” kusho lentokazi ezalelwe kweleNdlovukazi uMthaniya nethi ukuvula kwayo indawo egcina ubuciko yakwenza ngoba ifuna ukuba nezwi uma kuthathwa izinqumo ezithinta lomkhakha nowawubukeka udelelekile kakhulu ngaphambilini ngenxa yokuthi abantu babengawuqondi.