Ngeso lomthwebuli: Ubuciko bokuthwebula umlando waseNdlunkulu kaZulu


Ziningi izindlela zokuqopha nokuxoxa umlando. Ezidume kakhulu yilapho oxoxayo ebhala ibhuku noma enze ingqayi noma iziqephu ngomlando weqhawe noma isigameko thizeni.
Nokho kukhona enye emqoka necishe ilethe ubufakazi obuqandula ikhanda ngalokho okwenzekile nosekungumlando nefagugu. Ukuthathwa kwezithombe nokuyinto endala emlandweni njengoba yaqalwa ukubalulwa ngeminyaka yekhulunyaka lesi-4 BCE ngokwethulwa kwe-Camera Obscura A Dark Room With A Small Hole In One Wall That Played A Key Role In Photography’s Development.
Kusuka lapho ikhamera yaba yisithako esimqoka ekuqopheni umlando kanjalo nokuveza ubufakazi obuqandulikhanda ngoba kungafani nebhuku lona eligabe ngamagama, isithombe siveza into njengoba injalo kasiqambi manga noma silethe ungabazane.
Ukuthathwa kwezithombe zoBukhosi nezizwe nakho kuthole idumela kule minyaka njengoba ubuchwepheshe sebenza kwaba lula njengoba abantu bengasaphoqelekile ukuba baye ezindaweni ezithile lapho kuvezwa imifanekiso kepha sebecindezela nje inkinobho babuke isithombe abasifunayo bathole nomlando waso.
Lezi zinguquko nokusabalala kobuchwepheshe kubukeka kuyibo okwenze umsebenzi wensizwa yalapha eMgungundlovana (eGreytown) eMtulwa, emzini wakwaGiqindlebe wamukelwa ngabancane nabadala ngesasasa.
Umsebenzi kaMfan’bhekiwe (Mbhekwa) Solomon Ndlovu odume ngelikaSolo ubatshazwa nxa zonke ngokuhlanzeka kanye nokunemba ekuxoxeni umlando kakhulu kaZulu. Ikhuluma nelaboHlanga le nsizwa ithe yize ibuye iyocosha amaphalishi kwaNdongaziyaduma kepha inkaba yayo iKwaZulu futhi iyaziqhenya ngalokho:
“Okhokho bami badabuka kweleNdlovukazi uMthaniya eGreytown. Kwathi ngokuhamba kwesikhathi omkhulu bami (uPawula) bafudukela eMatimatolo lapho ubaba ongizalayo uBuyani bavela khona bazalelwa khona, sabe sesivela mina nomafungwaswe wakwethu uZamandlovu,” kulanda uGatsheni.
Ephendula umbuzo othi kungani egcine esethola ugqozi lokuthatha izithombe zoBukhosi uGatsheni usibuyisele emuva echaza lapho udosi lokuthanda uBukhosi lwamtinyela khona.
“Lolu hambo lwaqala ngenkathi ngihamba ngiyohlala nobaba Olundi, lapho ngangiyoqala ibanga lesithupha eMasibumbane High School. Kwaba nelenjabulo kumina ukuthi ngizobona iNkosi yamaZulu nalapho kwakuhlala khona iNkosi uShaka. UBaba wangithatha wangiyisa eSigodlweni esidala seNgonyama uCetshwayo lapho ngachazelwa kabanzi ngoMbuso kaZulu, kanti kuzothi emva kwalokho ubaba wahamba nami siya emgubhweni ngempilo yeLembe kwaDukuza, ngalelo langa ngangiqala ukubona iSILO esidala kanye noNdunankulu kaZulu uMntwana waKwaPhindangene. Angikaze ngibubone ubuhle obunjeya, amahubo nemvunulo!” kusho uNdlovu.
Uthi okunye okwamholela ekuqopheni umlando woBukhosi ngezithombe kwaba yindumalo aba nayo uma esebuyela eMgungundlovu wadumala ukubona ukuthi abangani bakhe babe ngenalo ulwazi ngoBukhosi nokwenza ngizijube uma kuvela ithuba ukuba nami ngixoxe ngalokho engikwaziyo nokuyinjula yoBukhosi. Uthi kwathi ngokuhamba kwesikhathi waqaphela ukuthi emazikweni ezindaba uZulu noBukhosi buyahlanekezelwa nokwamenza wathenga amakhamera. “Lapha inhloso yabe iyinye nje vo, ukuqopha umlando ngoBayede neNdlunkulu kaZulu,” kusho uNdlovu.
Okunye akuvezile yikuthi ukwenza konke nje lokhu kakufundelanga kwakuthwebula lokho: “Ebengikwenza eNdlunkulu akekho obengiqashile bengikwenza ngothando ngokuthanda uBukhosi. Angikufundelanga ukuthwebula, umsebenzi engawufundela ngoweForensic Investigator nengiwenzayo kuyimanje. Uma ngithathatha izithombe bengiqinisekisa ukuthi izithombe lezi engizithathayo azimxoxele indaba umuntu ozibonayo noma ngabe ukuphi, kuthi uma ethi nhla naye azibone eyingxenye yaloyo naloyo mcimbi.”
Phakathi kwezithombe azishayile uNdlovu yileso seSILO esidala sifulathele nesaxoxa indaba ngesikhathi sesikhotheme. Zikhona ezinye lapho iSILO, iNdlunkulu noZulu besemicimbini eyahlukene yesizwe. Akukho ukungabaza ukuthi iqoqo lezithombe uNdlovu aseziqoqile zixoxa umlando ojulile ngomlando kanjalo noBukhosi bukaZulu