Now Reading
Iza nokwehlukile iHouse of Zwide
Dark Light

Iza nokwehlukile iHouse of Zwide

NgoMsombuluko isiteshi sikamabonakude i-Etv sidlale okokuqala umdlalo owuchungechunge obizwa ngokuthi iHouse of Zwide nongene esikhaleni seRhythm City ebidlala okokugcina emva kweminyaka eyi-14 idlala ngoLwesihlanu olwedlule.

Esitatemendeni esakhishwa ngabakwa-Etv ngawo lomdlalo, ababukeli baba magange ukwazi ukuthi uzohluka ngani kweminingi evele iboniswa kulesi siteshi naleyo ekwezinye iziteshi nencintisana nawo njengoba udlala ngehora lesikhombisa kusihlwa phakathi nesonto.

Uthe uma uqala ungena ngoMsombuluko kwavela amantombazane amabili ezitapela esitolo sendwangu nokuvele kwaqondana nezibhelu ezilokhu ziqhubekile ezweni zokutapwa kwempahla ezitolo.

Kuqaphelekile ngebika lawo nokho ukuthi lomdlalo uzohamba ezinyathelweni zeRhythm City ekuqhakambiseni amaciko aseNingizimu Afrika emikhakheni eyehlukene. IHouse of Zwide iwumdlalo wesimanje omayelana nomndeni wakwaZwide eGoli onebhizinisi emkhakheni wemfashini namagalelo kulo mkhakha njengoba bonke abasiki bengqephu befuna ukusebenzela yona iHouse of Zwide belu.

Ngaphezu kwalokho lomdlalo igama lawo liwulumbanisa nemfashini eseqophelweni eliphezulu njengoba abasiki bengqephu abaningi abasebenza ngamakhasimende angomacaphuna kusale beyaye babize amalebuli abo ngamagama abo njengayo iHouse of Zwide.

Njengoba bekulindelekile, lomdlalo ubophele izinkakha zabalingisi ezihlanganisa uWinie Ntshaba odlala phambili indawo kaFaith Zwide oyi-Head Designer kanti ungowesifazane ohlonishwayo kulomkhakha wemfashini.

See Also

Ephawula engxoxweni abe nayo ngawo lo mdlalo uzwakalise okukhulu ukujabula ngawo nokubaluleka kwawo ngalesi sikhathi njengoba uzobonisa umkhakha wemfashini ngendlela engakaze ivezwe ngaphambili kumabonakude.

Bukhona nobuso obusha kulo mdlalo njengoWanda Zuma noNefisa Mkhabela nabanye. Ezinsukwini ezimbalwa nje vo lomdlalo uqalile, ukwazile ukuwola izinhliziyo zababukeli abaye kuTwitter beyozwakalisa ukuchazeka kwabo.

Scroll To Top