INkosazane Yase-Afrika nolozolo lwaphakade


Abaningi bamazi kakhulu ngengoma yakhe ethi “Umqombothi” neyaduma kakhulu ngeminyaka yangowe-1980 kanti abanye bamazi njengenxusa leGlobal Fund to Fight AIDS, TB and Malaria, i-United Nations MDG Envoy for Africa, neGoodwill Ambassador for the Roll Back Malaria Partnership. Lowo ngumama uYvonne Chaka Chaka, owaziwa ngeleNkosazane Yase-Afrika, okuyigama alithola ngemva kochungechunge lwamakhonsathi akhe ngeminyaka ye-1990.
Nyakenye wenze ibuya endimeni yomculo ngesikhathi epheka kabusha ‘Umqombothi’ nomculi we-Afro-Pop u-Amanda Black. Kule ngoma ubesebenzisana nabakwaKing Korn ukugqugquzela intsha ukuba izigqaje ngamasiko ayo baphinde bayifundise ukwenza umqombothi.
UMama uYvonne Chaka Chaka owazalwa ebizwa ngoYvonne Machaka ngowezi-1965 kuNdasa zili-18 uwumculi, umbhali wamaculo, umlingisi, usomabhizinisi, inxusa aphinde abe uthisha eNyuvesi YaseNingizimu Afrika (UNISA). Usebe sendimeni yomculo iminyaka eyevile kwengama-35 kanti uyintandokazi emazweni ahlanganisa iNigeria, iKenya, iZimbabwe, iSierra Leone ne-Ivory Coast.
Amaculo anjenge: “I’m Burning Up”, “Thank You Mr DJ”, “I Cry For Freedom”, “Motherland” “Umqombothi” iwona abeka uChaka Chaka esicongweni kangangoba, Umqombothi waze wasebenziswa engqayini iHotel Rwanda ngowezi-2004.
Useke waba sesiteji nabaculi abaningi abahlanganisa o-Angelique Kidjo, u-Annie Lennox, uBono, uHugh Masekela, uMiriam Makeba nabanye useke waculela iNdlovukazi yamaNgisi II, uMengameli wase-USA uMnu uBill Clinton noMnu uThabo Mbeki owabe enguMengameli waseNingizimu Afrika nabanye abahlonishwa.