Now Reading
UMthiyane yinjini yoqobo kwezokusakaza
Dark Light

UMthiyane yinjini yoqobo kwezokusakaza

Bambalwa abantu abangathi abazi ukhuluma ngobani uma ubabuza ngoMnu u-Alex Mthiyane. Amagalelo akhe kwezokusakaza ayixoxa ayiqede indaba. Impumelelo yeziteshi zemisakazo emikhulu nehlonishwayo kuleli iyalibabaza iqhaza lale nsizwa eqale ukuba ngemuva kombhobho isasencane.

UMthiyane uzalwe wakhulela esigodini saseNqutshini eMpangeni ngenhla neKwaZulu-Natal, nokuyindawo ayitusa njengaleyo eyamfundisa ukubaluleka kokuzihlonipha njengomuntu. Wafundela izifundo zeJournalism eNatal Technikon nokuyilapho aqala khona ukulandela ikhono lakhe lezokusakaza esiteshini saseNatal Technikon ohlelweni lwasekuseni.

Waphinde waba semsakazweni iDurban Youth Radio yona eyayisakazela e-UKZN. Kuthe uma esenza unyaka wesibili ezifundweni zakhe wavolontiya emsakazweni u-Ukhozi FM (Radio Zulu) nokuyilapho abahleli bezinhlelo oMnu uMtholephi Mthimkhulu noMnu uCecil Msomi bamcela ukuba abambele umethuli wezindaba owayengafikanga ngalelo langa. Emva kweminyaka emithathu uMnu uWelcome Nzimande wabe esemgixabeza ngohlelo olwaluqondene nentsha aluphatha unyaka wonke ngaphambi kokuba anikezwe olwasekuseni nolwaziwa njengoluqavile kwezokusakaza.

Njengamanje uSokhulu ungumethuli wohlelo lwezingxoxo olubizwa ngokuthi iNdaba, olungena kusihlwa kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine emsakazweni iGagasi FM naphinde abe umhleli wezinhlelo zezindaba kuwo lo msakazo.

See Also

Ephawula ngomsebenzi wakhe uthi kusukela esesemncane wayazi ukuthi ufuna ukuba semsakazweni. Uqhuba athi umsakazo wehlukile, ukuvumela ukuba ulalele okwenzekayo ngaphandle kokuthikamezeka kokwenzayo – umsakazo wenza kusebenzelane.

Ubuchule, inhlonipho nokuzimisela uma engemuva kombhobho noma enabalandeli bukhoma kumenza abe nogazi kubalandeli nabalaleli abaqala ukumlandela esafika kule ndima.

Scroll To Top