Emuva kwamazinga aqine kakhulu okucishwa kukagesi, manje okulindeleke ukuthi kuhlale esigabeni 6 isikhathi esingaziwa ngenxa yokuphuka kwamayunithi eziteshini zikagesi ezihlukahlukene, izakhamuzi eziningi seziphendukela kuLiquid Petroleum Gas (LPG) njengesixazululo salenkinga kagesi ekhungethe izwe.























