EzikaSteenhuisen zimi neBhange Lombuso kosopolitiki



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.


IDemocratic Alliance (DA) isinqume ukuvikela ukuzimela kweReserve Bank engqungqutheleni yayo. Leli qembu lithi liyazichitha izinsongo zokudicilela phansi ukuzimela kwebhange ngokufakwa kwalo ngaphansi kukahulumeni.
Ithi (DA) amaqembu afana ne-ANC kanye ne-EFF zisebenzisa leli bhange njengesihlava ekuhlulekeni kukahulumeni.
USihlalo Wezezimali kwiDA uDkt uDion George owasekela lesi siphakamiso uthi wenze ucwaningo ngeBhange LaseNgilandi elafakwa ngaphansi kukahulumeni ngowe-1946.
“Okubaluleke kakhulu nakuba leli bhange seliphethwe uhulumeni wase-UK, lihlala lizimele ekugcineni amanani entengo…ukuzinza okusho ukuqapha ukwehla kwamandla emali okuphakeme kakhulu noma okuphansi kakhulu; akukhona lokho okuhlongozwe yi-ANC ngeBhange Lombuso elifakwe ngaphansi kukahulumeni.
“Iziphakamiso ze-ANC zizokwenza ukuthi uhulumeni osuke esikhundleni sakhe enkabeni yezomnotho akwazi ukuthonya izinga lenzalo ngezinhloso zezepolitiki okungaholela ekutheni kube nenhlekelele futhi kucekele phansi inani lemali yethu. Ibhange akumele libe sesandleni sosopolitiki futhi likwazi ukwenza imisebenzi yalo ngaphandle kokwesaba noma ukwenzelela noma ukucwasa.”
Ukuvikelwa komnotho wasolwandle
Khonamanjalo, le nhlangano iphinde yanquma ukuthi kufanele yethule umthetho ePhalamende wokusungula iSouth African Coast Guard enegunya lokuvikela imingcele yasolwandle yezwe kanye nomnotho wolwandle.
Leli qembu lithi umnotho wasolwandle unamandla okufaka imali engaphezu kwesigidigidi ezi-R170 emalini yomkhiqizo wasekhaya ekupheleni kowezi-2023 kodwa usengozini yobugebengu, obuhlanganisa ukuphanga kanye nobuphekula.
Ilungu leDA uKobus Marais uthi baphakamise ukuthi iCoast Guard ibe negatsha elisha leSouth African National Defence Force.
“Izifundazwe ezine ezisogwini zaseNingizimu Afrika zilandela ugu olukhulu oluhlanganisa amakhilomitha angaphezu kwezi-3 000. Umnotho waseNingizimu Afrika usengozini yobugebengu kanye nobuphekula.
“Amaqembu ezigebengu ikakhulukazi axhaphaza ukuntuleka kwezokuphepha olwandle kanye namandla omthetho wasolwandle okunomthelela omubi kakhulu ekusimameni kwezindawo zethu zokudoba, ezokuvakasha ukongiwa kwezilwane zasolwandle ezisengozini kanye nokuvikeleka kwezwe lethu,” kuphetha uMarais.