Now Reading
Isingenwe nayizinhlangano zamazwe omhlaba eyempi eSudan
Dark Light

Isingenwe nayizinhlangano zamazwe omhlaba eyempi eSudan

Amasosha aseSudan abonakale ephumelela ngeSonto emzabalazweni nezimbangi zawo ezihlomile, ngesikhathi eshaya izisekelo zawo ngohlaselo lomoya (airstrikes), kusho ofakazi. Okungenani izakhamuzi ezingama-97 zishonile kwathi ezingama-365 zalimala kusukela kuqale impi eSudan, kusho ithimba lodokotela.

Impi iqubuke ngoMgqibelo phakathi kwamasosha athembeke kuGeneral Abdel Fattah al-Burhan, inhloko yoMkhandlu Obusayo waseSudan, kanye nebutho elihlomile leRapid Support Forces (RSF), eholwa nguGeneral Mohamed HamdanDagalo, owaziwa ngelikaHemedti, oyiphini lenhloko yomkhandlu

Bekungokokuqala ngqa ukuqubuka kwalolu hlobo selokhu bobabili bahlanganyela ekuxosheni umakadebona wama-Islamist u-Omar Hassan al-Bashir ngowezi-2019 futhi kwadalwa ukungaboni ngaso linye mayelana nokuhlanganiswa kwe-RSF kwezempi njengengxenye yoguquko olubheke ekubuseni kwabantu.

UBurhan noHemedti bavumelane ngekhefu lamahora amathathu ekulweni kusukela ngehora le-4 ntambama kuvunyelwe ukukhishwa kwabantu okuhlongozwa yi-United Nations, kusho uphiko lwe-UN eSudan, kodwa isivumelwano sashaywa indiva ngemuva kwesikhashana.

Kwathi sekuhwalala izakhamuzi zabika ngokuduma kwezibhamu kanye nokuduma kwezindiza zempi esifundeni saseKafouri eBahri, esinesizinda seRSF, ngaphesheya koMfula iNile ukusuka enhlokodolobha iKhartoum.

Abazibonele batshele abeReuters ukuthi amasosha avuselela uhlaselo lomoya ezisekelweni zeRSF e-Omdurman, idolobha elingudadewabo weKhartoum ngaphesheya kweNile kanye nezifunda zaseKafouri naseSharg El-Nil eziseduze neBahri, okwenza abalwi beRSF babaleke.

See Also

I-United States, iChina, iRussia, i-Egypt, iSaudi Arabia, Umkhandlu Wezokuphepha we-UN, i-European Union kanye ne-African Union banxuse ukuba kuqedwe ngokushesha izingxabano ezisongela ukushuba kwesimo endaweni osekunezinxushunxushu.

Imizamo yomakhelwane nezinhlaka zezifunda yokuqeda udlame iqiniswe ngeSonto. I-Egypt ithembise ukulamula, kanti i-African bloc Intergovernmental Authority on Development ihlela ukuthumela omongameli baseKenya, eSouth Sudan kanye neDjiboutias ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuze baxazulule izingxabano zaseSudan, kusho ihhovisi likaMengameli waseKenya uWilliam Ruto kuTwitter.

Ukuqubuka kwezimpi ngempelasonto kulandela ukushuba kwesimo mayelana nokuhlanganiswa kweRSF kwezempi. Ukungaboni ngaso linye ngesikhathi salokho kubambezele ukusayinwa kwesivumelwano esisekelwa umhlaba wonke namaqembu ezepolitiki mayelana nokuguqukela kuntando yeningi ngemuva kokuketulwa kwamasosha ngowezi-2021.

Scroll To Top