Yize ephikwa yizinto u-Odinga usayivubela eKenya



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umfelandawonye wamaqembu aphikisayo eKenya uzimisele ukuxoxisana nohulumeni mayelana nezinguquko zokhetho kanye nezindleko eziphakeme zokuphila, ngenkathi uphinda uqala imibhikisho, kusho umholi weqembu eliphikisayo uRaila Odinga.
Ekuqaleni kukaMbasa, u-Odinga waqeda imibhikisho emelene nohulumeni ngemuva kwesicelo sikaMengameli uWilliam Ruto, kodwa wathi ngaleso sikhathi bangaqala kabusha ezinsukwini ezimbalwa uma kungekho zingxoxo ezizwakalayo noma impendulo evela kuhulumeni.
Izinkulungwane zabamba iqhaza kumamashi amathathu abanjwe emasontweni amabili ngasekupheleni kukaNdasa nasekuqaleni kukaMbasa. Imibhikisho, ngokwengxenye eshukunyiswe izinsolo zokukhwabanisa okhethweni lukamongameli lwangoNcwaba odlule, yonke yonakaliswe udlame.
“AbaseKenya bamile kabagudluki. Sivumile, izingxoxo ziyaqhubeka, kodwa ngiyavumelana nesiphakamiso esiphume lapha namuhla sokuthi izingxoxo ziqhubeke futhi imibhikisho nayo iqhubeke,” kusho u-Odinga etshela umhlangano owawusehholo enhlokodolobha iNairobi. “Sizoqhubeka. Silindele ukuthi kuphele izisuku ze-Ramadan. Uma sezidlulile sizokwenza isimemezelo mayelana nemibhikisho,” usho kanje ebhekise kule nyanga engcwele yokuzila ukudla kwamaSulumane.
Umbimbi ka-Odinga we-Azimio La Umoja (Declaration of Unity) kanye neKenya Kwanza (Kenya First) kaRuto abavumelani ngokuqukethwe izingxoxo nokuthi ubani okufanele aziqondise. Uhlangothi lwe-Azimio luthi abenzi bomthetho nabanye abangaphandle kwephalamende kufanele badlulele ngale kokukhethwa kwezikhulu eziphezulu zenhlangano yokhetho ukuze kuxoxwe ngezindlela zokubhekana nezindleko zokuphila kanye nokubuyekeza ukhetho lowezi-2022.
Uhlangothi lweKenya Kwanza lona lufuna ukukhawulela ububanzi bezingxoxo ekukhethweni kwezikhulu zokhetho, futhi ababambiqhaza babe ngabashaya umthetho kuphela. UKimani Ichung’wah, umholi weningi ephalamende futhi oyilungu leqembu likaRuto, uthe izinyathelo zika-Odinga zenzelwe ukufaka ingcindezi kuhulumeni futhi abambe iqhaza kukho. Phambilini u-Odinga uke wathi akanandaba nokuthola isikhundla kuhulumeni okhona njengamanje.