U-Ahmed nemizamo enqala yokubuyisa uzinzo e-Ethiopia



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNdunankulu wase-Ethiopia u-Abiy Ahmed kanye neqembu lamavukelambuso i-Oromo Liberation Army (OLA) baqale izingxoxo zokuthula eTanzania ngoLwesibili, kusho izinhlangothi zombili. Kungokokuqala ukuthi uhulumeni wase-Ethiopia usho ngokusemthethweni ukuthi uzoxoxisana ne-OLA, osekuphele amashumi eminyaka ilwa nohulumeni.
“Izingxoxo ne-Oneg Shene zizoqala ngosuku olulandelayo eTanzania,” kusho u-Abiy ngeSonto, esebenzisa elinye igama le-OLA.
I-OLA ithe uhulumeni uyamukele imigomo yeqembu yezingxoxo zokuthula. “Lesi yisinyathelo esibalulekile futhi esihle ekusunguleni ukuthula okuhlala njalo esifundeni,” kusho i-OLA esitatimendeni ekuqaleni kwesonto.
Kodwa-ke, i-OLA iphikile ukuthi ibizwe ngokuthi “uShene”, yathi leli gama lihlaza “ubunikazi nezinjongo zayo.”
I-OLA iyiqembu eliqhekekile elingekho emthethweni le-Oromo Liberation Front, iqembu eliphikisayo elake lavinjelwa elabuya ekudingisweni ngemva kokuba u-Abiy ethathe izintambo ngowezi-2018. Izikhalo zaleli qembu zibangelwa ukucwaswa kwabantu base-Oromo nokunganakwa nguhulumeni kazwelonke. I-OLA kanye nohulumeni kazwelonke basolana ngokuhlaselwa kaningi esifundeni sase-Oromiya e-Ethiopia, okuyindawo enabantu abaningi ezweni, lapho kushone khona inqwaba yabantu.
NgoNhlolanja, ikhomishana eqokwe nguhulumeni yamalungelo abantu yathi okungenani abantu abangama-50 babulawa esigamekweni esolwa ngaso i-OLA. NgoMfumfu, i-OLA nelinye iqembu lama-Oromo basola uhulumeni wase-Ethiopia ngokuhlasela kwezomoya (air strikes) abathi zibulale inqwaba yabantu.
“Abantu base-Ethiopia nohulumeni bakudinga kakhulu lokhu kuxoxisana,” kusho u-Abiy emcimbini wokuhlonipha isivumelwano sokuthula sangaphambilini esatholwa phakathi kukahulumeni wobumbano namasosha esifundeni saseTigray, lapho kwaqubuka impi ngoLwezi wezi-2020 futhi yaphela ngoLwezi wezi-2022.
Impi phakathi kwe-OLA kanye nohulumeni kazwelonke yehlukene nempi yaseTigray, kodwa i-OLA yakha umfelandawonye neTigray People’s Liberation Front (TPLF) ngo-2021.