Sekuphele isonto uRamokgopa echazile kepha kusemnyama



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe kagesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa udwebe isithombe esibi ngokuphakelwa kukagesi ezweni ngaphambi kwalesi sikhathi sasebusika. URamokgopa ubhale uhlelo lokusebenza oluhlose ukunciphisa ukucishwa kukagesi.
UNgqongqoshe usevele wethula uhlelo lwakhe kuKhabhinethi kanye nasekomitini elibusayo le-African National Congress (ANC) i-National Working Committee (NWC).
Uthi phakathi kokunye, lolu hlelo luveza izinyathelo ezisheshayo izwe elingazithatha ukuze kugwenywe izigaba eziphezulu zokucinywa kukagesi kulobu busika nangale kwabo.
URamakgopa uthe, “Isigcino ubukeka ufiphele ngempela ngoba isidingo sizonyuka kakhulu. Igridi iyaqhubeka nokungathembeki futhi lowo ngumbuzo odinga ukunaka kwethu okukhulu. Kodwa sizibalile zonke lezizinto esiphakamisweni esisenzayo. Ukuze siqinisekise ukuthi kulobu busika akubi kubi njengoba kubonakala, manje ngaphambi kokungenelela kwalokho esizobe sikuhlongoze.”