Izinyunyana zixina u-Eskom ngamaholo naphezu kwezinkinga



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
U-Eskom uzichithile izimfuno zamaholo ezethulwe yizo zontathu izinyunyana ezimele abasebenzi enkampanini ephehla ugesi. Izinyunyana zona zisenqabile isiphakamiso samaholo sika-Eskom sama-3.75%.
Izinyunyana ezimbili okuyiNUM neNUMSA zifuna ama-15%, kanti inyunyana yabasebenzi iSolidarity yona ifuna iCPI kanye nama-3%. Zonke izinyunyana sezicele u-Eskom ukuthi asayine isivumelwano samaholo seminyaka emibili. Kumanje la maqembu asezingxoxweni zawo zokuqala zamaholo kanti umzuliswano wesibili okulindeleke ukuthi uqale mhla ziyisishagalombili ngenyanga ezayo.
IPhini likaNobhala Jikelele weNUMSA uMbuso Ngubane (osesithombeni) uthe, “Sithi lolu wuhlelo lokuxoxisana nomqashi kusenesikhathi ukuze enze ngcono udaba lwezibonelelo zezindlu. Ngakolunye uhlangothi okuyimali yokulinda, ithimba lokuphendula nokunye. Amalungu ethu agcina ukunyuselwa imali ngoZibandlela wezi-2017 kuze kube manje awakaze anyuswe embuzweni wezibonelelo, ngakho-ke, sicabanga ukuthi kulokhu futhi thina sicabanga ukuthi ukukhushulwa ngama-15% kwezibonelelo kuyinto efanele.”
Khonamanjalo, iSolidarity ithi u-Eskom ungene ezingxoxweni zamaholo ungazilungiselele futhi lokhu kubambezele umzuliswano wokuqala wezingxoxo zamaholo.
Inyunyana ithi i-Eskom angakwazi ukukhokhela ukwenyuswa kwamaholo ngenxa yentuthuko ephawulekayo ekuthengisweni kukagesi, ukuncipha kwezindleko zabasebenzi kanye nemali engenayo evela kubakhiqizi bamandla abazimele njengoba kuvezwe esitatimendeni sezimali sowezi-2021-22.
UNobhala Jikelele weSolidarity uGideon du Plessis uthe, “Isivumelwano sokuthi kube iminyaka emibili, bese umklomelo wenkonzo ende ozobalwa njengephesenti lomholo oyisisekelo womqashi njengamanje usekelwe ku-R20 000, isibonelelo sezindlu sikhuphuke ngama-5 %, zonke ezinye izibonelelo nezinzuzo zikhuphuke ngephesenti elifanayo nokukhushulwa komholo wokugcina okuvunyelwene ngawo. Siphinde sacela ukuthi ushintsho oluhlangothini olulodwa lwezimo zokuqashwa kushintshwe ukuze kulungiswe ngokuhambisana nesinqumo esithile.”