UNgqongqoshe Wezokuvikela e-Ukraine uthe amathangi amasha anikezwe amazwe eNATO azosebenza “njengesibhakela sensimbi” lapho iKyiv izowasebenzisa ukunqamula imigqa yokuzivikela yaseRussia.
UMnu u-Oleksii Reznikov, utshele isithangami sezindaba nozakwabo wasePoland ukuthi izimpahla zaseNtshonalanga zezibhamu ezili-155 mm zibalulekile.
Umholi weqembu eliphikisayo eTanzania nowake wangenela ukhetho lubuMengameli uTundu Lissu (osesithombeni) ubuyele ekhaya ngemuva kweminyaka engaphezu kwemibili edingiselwe e-Europe, wamukelwe isixuku esijabule ngoLwesithathu wesonto eledlule, ngemuva kokuthi uhulumeni esuse umthetho owawuvimbela imibuthano yezepolitiki.






















