Now Reading
URamaphosa uthi seziyavunwa izithelo zokutshalwa kwemali
Dark Light

URamaphosa uthi seziyavunwa izithelo zokutshalwa kwemali

UMengameli uCyril Ramaphosa uthe ezimemezelweni zokutshalwa kwezimali ezili-152 ezenziwe eminyakeni emine edlule, amaphrojekthi angama-45 aseqediwe futhi ahlomulise umnotho okungenani ezifundeni ezingama-22 ezweni lonke.

URamaphosa uthe ezinye zezibopho zokutshalwa kwezimali ezingaphezu kuka-R1.5 trillion ezimenyezelwe kusukela ngeNgqungquthela Yokutshalwa Kwezimali yaseNingizimu Afrika yokuqala ngowezi-2018 seziguqule izimpilo zabantu abaningi baseNingizimu Afrika.

URamaphosa ubekhuluma  ngesikhathi kuqala iSA Investment Conference eSandton, eGoli.

“Izibophezelo zokutshala izimali ezenziwe kuze kube manje seziholele ekutshalweni kwezimali okukhulu emnothweni okhiqizayo. Cishe ama-70% yenani lezinhlelo ezimenyezelwe kusukela ngowezi-2018 seziqediwe noma sezizophothulwa,” kusho uRamaphosa.

See Also

“Kuze kube manje, sekutshalwe imali elinganiselwa kwizigidigidi ezi-R460 ekwakheni amafekthri amasha, ukuthenga amathuluzi, ukwakha imigwaqo, ukucwila imigodi yasezimayini kanye nokukhipha ingqalasizinda ebanzi. Okugqamayo ngempela wumthelela walokhu kutshalwa kwezimali ezimpilweni zabantu baseNingizimu Afrika asebekwazi ukuziphilisa kahle nokunakekela imindeni yabo,” kwengeza uRamaphosa.

Scroll To Top