Now Reading
UBond unenselelo yokubuyisa ukwethenjwa esikhundleni esisha
Dark Light

UBond unenselelo yokubuyisa ukwethenjwa esikhundleni esisha

Ingcwethi kwezomnotho uPatrick Bond uthi amazwe afana neNingizimu Afrika kumele akhathazeke ngokungena kukaMengameli weBhange Lomhlaba, uMnu u-Ajay Banga (osesithombeni).

UMengameli waseMelika uJoe Biden uqoke lowo owayeyisikhulu esiphezulu seMastercard ngemuva kokuthi uDavid Malpass ememezele isinqumo sakhe sokushiya. Ngesikhathi esebenza eMastercard, uBanga wethula futhi wengamela isivumelwano neSouth African Social Security Agency kanye neNet1, sokusebenzisa amakhadi okukhipha imali eMastercard ekwabiweni kwezibonelelo.

IBhange Lomhlaba lingumnikazi wengxenye yeNet1 inkampani eyinhloko iCash Paymaster Services. Impikiswano yamadebit order eNet1-CPS yaholela ekunqanyulweni kwenkontileka.

Lokhu ngemuva kokuthi ama-akhawunti abamukeli besibonelelo sikahulumeni adonswe kwaze kwaba seqophelweni lokuthi babe nemali encane noma bengenamali nhlobo inyanga ngayinye.

See Also

UBond uthi umlando kaBanga wokuthola imali kufanele uphenywe ngaphambi kokuba avunyelwe ukuthi athathe izintambo.

“Empeleni bagebenga ama-akhawunti abantu abampofu ngokufaka amadebit order owazi ukuthi amantombazane aneminyaka eyisithupha athola imali encane noma amankontileka omakhalekhukhwini noma umshwalense wokufa zonke lezo zinto. Ngicabanga ukuthi kuyifilosofi ebanzi, okungukuthi uma unenkinga efana nobumpofu, ungayixazulula ngobunjiniyela bezezimali, futhi ukubize ukufakwa kwezimali. Inkinga wubunjiniyela bezezimali futhi lena yifilosofi yakhe azishaya isifuba ngayo njengoba esenguMengameli weBhange Lomhlaba, ukuthi unobuhlakani bokwazi ukuthi kanjani. Okusikhathazayo wukuthi lokhu kuholela ekusetshenzisweni kwebhange eliyingozi,” kuphetha uBond.

Scroll To Top