Ugqamcishi usunyuse ukuthengwa kakhulu kwegesi



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Emuva kwamazinga aqine kakhulu okucishwa kukagesi, manje okulindeleke ukuthi kuhlale esigabeni 6 isikhathi esingaziwa ngenxa yokuphuka kwamayunithi eziteshini zikagesi ezihlukahlukene, izakhamuzi eziningi seziphendukela kuLiquid Petroleum Gas (LPG) njengesixazululo salenkinga kagesi ekhungethe izwe.
Izitolo ezidayisa iLPG zithi zibona isibalo esikhulayo sabathengi abafuna ukuthenga igesi ukuze bathole izisombululo zabo zokupheka nokushisisa amanzi, njengamagiza asebenza ngegesi.
URyan Hohenstein weHigh-Speed Gas uthi inkinga yamanje yamandla iveza ithuba lokukhula kwemboni yeLPG. Uthi lo mkhakha unazo nokho izithiyo okumele uzinqobe, njengokukhuphuka kwengcindezi nokushoda kwamasilinda egesi.
“Ngiqonde ukuthi kusukela ngo-2008, ukucishwa kukagesi kwaqala [futhi] imboni yegesi yakhula kakhulu. Ngokuphela kwamandla kagesi kwamanje kule minyaka embalwa edlule, imboni yegesi iye yanda kakhulu, futhi kuyithuba lokuthi imboni ikhule. Ukusho lokhu, kuphinde kube nezingxoxo zokuthi igesi ixhaswe nguhulumeni kule minyaka edlule asikaze sikubone lokhu kwenzeka,” kusho uHohenstein.
Engeza enkulumweni yakhe uHohenstein uthe: “Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, sibone ukhuphuka kakhulu kwekhilogremu okuyinto esingakaze siyibone eminyakeni engama-20, okugcine ikhilogremu selibiza ama-R5,20, okuyinto engamukeleki kimi; izokhipha intengo yegesi emakethe ngesinye isikhathi.”