“Nicela uxolo”



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UDalai Lama, umholi wezenkolo waseTibet oneminyaka engama-87 ubudala, uxolisile ngoMsombuluko ngemuva kokuthi kusabalale ividiyo imkhombisa ecela umfana omncane ukuthi “amunce ulimi lwakhe” emcimbini womphakathi.
“Kusabalele ividiyo ekhombisa umhlangano wakamuva lapho umfana omncane ebuza umholi ongcwele iDalai Lama ukuthi angamanga yini,” kusho isitatimende ku-akhawunti yeTwitter yalo mholi, enabalandeli abayizigidi ezili-19.
“Umholi Ongcwele ufisa ukuxolisa kumfana nomndeni wakhe, nakubangani bakhe abaningi emhlabeni jikelele, ngobuhlungu obungase bubangelwe ngamazwi akhe.” Isitatimende sithe iDalai Lama “ivame ukugcona abantu ehlangana nabo ngendlela emsulwa nedlalayo, ngisho naphambi kwabantu naphambi kwamakhamera. Uyazisola ngesigameko”.