Now Reading
IRussia ayipheli moya ngempi
Dark Light

IRussia ayipheli moya ngempi

UNgqongqoshe Wezokuvikela waseRussia uSergei Shoigu uthembise ukuthi uzothuthukisa izikhali ezihlinzekwa amasosha aseRussia e-Ukraine ngesikhathi evakashele ekomkhulu lamasosha aseMoscow alwa kuleliya lizwe.

Kuvidiyo eshicilelwe yihhovisi lakhe kuTelegram, uShoigu uvela engamele umhlangano nezikhulu eziphezulu zamasosha, okuhlanganisa noGeneral Valery Gerasimov, isosha eliphakeme kakhulu laseRussia.

Kwividiyo, uShoigu ukhonjiswa etshela ozakwabo ukuthi iRussia izothatha izinyathelo zokukhulisa ukunikezwa kwezikhali emasosheni alwayo.

Scroll To Top