UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe kagesi uDkt. Kgotsientsho Ramokgopa uthi ukubambezeleka kokulungiswa kweyunithi yokuqala yeNuclear Power Station yaseKoeberg eKapa kuzophazamisa ikhono lokunciphisa ukucisha kukagesi cishe izinyanga ezimbili.
ICosatu neSACP eMpumalanga basabise ngokuthi bazowuqinisa umkhankaso wokuthi kwehliswe imali ekhokhwayo kwamatoll gate. Lokhu kuza njengoba iSanral inyuse imali ekhokhwayo ekuqaleni kwale nyanga.
IBlack Business Council (BBC) ithi inethemba lokuthi u-Eskom uzojika wenze kancono njengoba kancane kancane ukuthenjwa ngumphakathi kubuyiselwa ebhodini lenkampani ephehla ugesi.
Amaphoyisa aseKenya aqhumise isisi esikhalisa unyembezi kumholi weqembu eliphikisayo ngoMsombuluko abopha abaphathi bezomthetho eqenjini lakhe ephalamende, ngesikhathi ababhikishi begcwele imigwaqo bebhikishela uMengameli uWilliam Ruto kanye nezindleko eziphezulu zokuphila.
Ukuhlangana kwamabhele amabili kutatazelisa awaseNtshonalanga UVladimir Putin kanye “nomngane wakhe othandekayo” umholi waseShayina uXi Jinping…...
Inkantolo yaseChad igwebe amavukelambuso angaphezu kwama-400 udilikajele ngoLwesibili ngokushona kowayengumengameli u-Idriss Deby, owabulawa ngaphambi kwempi eyayibhekene neqembu lawo ngowezi-2021, kusho ummeli wawo.
Iyaqhubeka iMbube nokutshala okusha esizweni kanjalo nokunisela okudala
Emuva kwemibiko engakaqinisekiswa nokho ebikhomba umsanka ohlakeni loBukhosi i-INgonyama Trust Board (ITB), ISILO sesijube ukuba loyo oyisandla sokuphosa saso kuleli bhodi uMehluleli uJerome Ngwenya abikele isizwe ngokwenzakalayo.
UXi Jinping ngoLwesihlanu uthole ihlandla lesithathu leminyaka emihlanu njengomongameli waseChina njengoba eqinisa amandla akhe njengomholi…...
Iphalamende elisha laseTunisia lihlale okokuqala ngqa ngoMsombuluko kodwa umfelandawonye uthe angeke balibone ukuba semthethweni kwawo ngemuva kokhetho olunamaphesenti ali-11 nje kuphela.
UMengameli waseChina uXi Jinping uhlela ukuvakashela eRussia maduze-nje ngesonto elizayo, kusho abantu abajwayelene nalolu daba ngoMsombuluko, kanti iMoscow neKyiv bobabili babike ukulwa okushubile empini eyachitha igazi eliningi esedolobheni elisempumalanga iBakhmut.
Amavukelambuso e-M23 eDemocratic Republic of Congo asememezele ukuthi azobeka phansi izikhali empini edonse iminyaka empumalanga yezwe. Lokhu kulandela ukuxoxisana okuholwa nguMengameli wase-Angola uJoão Lourenço, ophinde abe yingqwele ye-African Union yokuthula nokubuyisana.
UNgqongqoshe WezoLimo, UkuBuyiswa Komhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya uThoko Didiza uthi isimo sikagesi esingaphansi kwesimo senhlekelele senza kusebenze izinyathelo ezizovumela ezolimo ukuthi zisebenze.
Sekuphele iminyaka emibili uhulumeni amemezela ukuthi iTakatso Consortium izothenga amasheya angama-51% eSouth African Airways (SAA).
Ongenele ukhetho lukamongameli waseNigeria u-Atiku Abubakar ngoMsombuluko uhole amakhulu abalandeli embhikishweni onokuthula mayelana nekhomishana yokhetho esingethe amavoti angenyanga edlule ikhomishana ethi anqotshwe yilowo obengenele iqembu elibusayo uBola Tinubu.
Inyunyana yabasebenzi yaseTunisia enamandla i-UGTT ihlangane enhlokodolobha ngoMgqibelo, yahlanganisa izinkulungwane zabasekeli ngokumelene noMengameli uKais Saied ukukhombisa amandla ayo ngemuva kokucindezela kwakhe abaphikisi kwakamuva.
ISouth African Communist Party (SACP) isole obeyisikhulu kwa-Eskom u-André de Ruyter (osesithombeni) ngokwephula umthetho wezwe wokulwa nenkohlakalo.
IChina ayizange iqhubeke nokuhlinzeka ngosizo lwezikhali oluzosiza iRussia ekuhlaseleni kwayo i-Ukraine kanti i-United States ikubeke kwacaca ukuthi uma ishintsha kulokho kuzoba nemiphumela emibi, kusho umeluleki wezokuphepha kuzwelonke eWhite House uJake Sullivan ngeSonto.
Ikhomishana yokhetho yaseNigeria ngoLwesithathu imemezele uBola Tinubu njengomengameli ngemuva kokhetho lwangempelasonto obelunezigigaba eziningi, emcimbini obuchithiwe amaqembu amabili aphikisayo.
ITurkey isibophe abantu abayi-184 abasolwa ngokuwa kwezakhiwo ekuzamazameni komhlaba kwale nyanga kanti nophenyo luyakhula, kusho ungqongqoshe, njengoba intukuthelo ivutha bhe ngalokho abaningi abakubona njengenkohlakalo yokwakha.
Umhlaziyi wezomnotho, uLebohang Pheko, uthi uhulumeni uyehluleka ukuqhubeka okuphelele ekusebenziseni kwakhe izinyathelo okuhloswe ngazo ukubhekana nenkinga yezamandla ezweni.
ICredit Rating Agency, iFitch, isixwayise iNingizimu Afrika ngokuthi ukwehluleka kwayo ukubhekana nenkinga kagesi esikhathini esimaphakathi kungase kwengeze ingcindezi emazingeni akhona ezwe. Isilinganiso okwamanje simi kuBB minus.
Amasosha ase-Ukraine alwela ukubamba ukuhlasela kweRussia edolobheni elincane elisempumalanga iBakhmut acele izikhali ezengeziwe emazweni angaphandle, njengoba abaholi baseNtshonalanga behlangene eMunich ukuzohlola lempi esithathe unyaka wonke enyakazisa umhlaba wonke.
Onethemba lokuba ngumengameli waseNigeria, u-Atiku Abubakar, uthe uzoletha ukuthula nobumbano ezweni futhi athuthukise ingcebo yezomnotho njengoba ebeqeda uhambo lokukhankasa kwakhe.