Ngaphandle kokuba nekhono eliyisimanga ekubeni ngunompempe okanye umsizi kanompempe, kodwa isibindi anaso isona esigqamile kuyena. Lowo nguSphamandla Ncube oneminyaka yobudala eli-12.
Inkatha Freedom Party KwaZulu-Natal izwakalisa ukubonga okukhulu kubavoti abaphume ngobuningi basiza leli qembu ekutheni linqobe okhethweni lokuchibiyela obeluyizolo ngoLwesithathu kuWadi 6 kuMasipala waseMthonjaneni nakuWadi 2 kuMasipala waseNkandla.
UMengameli uCyril Ramaphosa uthe bekubalulekile ukuthi abaholi base-Afrika bathathe izinyathelo zokulamula impi ese-Ukraine.
Isigameko sokushona kosana enkulisa iZwelisha eNanda ngoLwesibili sithukuthelise iziphathimandla zoMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi KwaZulu-Natal eseziphakamise ukuba kuphenywe ngokuthi lokhu kwenzeke kanjani.
Isikhungo sezilinganiso zomnotho emazweni iFitch siqagula ukuthi ngeke kube khona ukukhula komkhiqizo wasekhaya (iGrowth Domestic Product) kuleli nonyaka ngenxa yenkinga kagesi.
Uphinde wakhala ngaphansi emizamweni yakhe yokuphonsela inselelo isinqumo seNkantolo eNkulu yaseFree State uNandipha Magudumana. Ubefake isicelo esiphikisana nokuthi wazivumela ukubuyela eNingizimu Afrika esuka eTanzania.
Umholi weqembu eliphikisayo eZimbabwe, uMnu uNelson Chamisa, uthe iqembu lakhe lithwale kanzima ukuthi liqalise umkhankaso walo wokhetho ngoba amaphoyisa abevimba imibuthano yamaqembu aphikisayo.
Selokhu kujutshwe abombutho wezokuvikela iSouth African National Defence Force (SANDF) ezifundazweni ezine ezibe neziqubu zokungqongqiswa kwamaloli emasontweni edlule, azikho izehlakalo zakamuva ezibikiwe kuze kube yimanje.
Inhlangano yababaleki i-United Nations High Commissioner for Refugees (UNHCR) ngoLwesithathu ithe ikhathazekile ngemibiko yaseGhana yokuthi amakhulu ezakhamuzi ezibalekela udlame lwaseBurkina Faso abuyiselwa emuva.
UNgqongqoshe Wezezimali u-Enoch Godongwana, oWezohwebo Nezimboni u-Ebrahim Patel noseHhovisi likaMengameli uKhumbudzo Ntshavheni bayingxenye yethimba likahulumeni eliphezulu eliseWashington ukuze lixoxisane nababambiqhaza ekuqinisweni kwezohwebo phakathi kwelakuleli neMelika.
UNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan usememezele amalungu amasha eBhodi laBaqondisi bakwaTransnet. Bahlanganisa uchwepheshe wezokuthenga uLebogang Letsoalo, isikhulu sezolwandle uMartin Debel.
AmaHawks e-Eastern Cape afuna noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi ukuphi umlisa oneminyaka engama-31 ubudala owavulela uMehluleli Omkhulu uRaymond Zondo kanye noNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane amacala okuqamba amanga.
Isongeke embhedeni wesibhedlela esifundeni sase-Ethiopia esisenyakatho i-Tigray, intombazanyana encane ngomzimba idonsa kanzima ukuphefumula, njengoba uyise ephulula ubuso bayo obulimele futhi umama wayo ehlezi eceleni kwayo ekhala.
ICommunication Workers Union (CWU) ithi ibhodi leSABC lizibophezele ekuqinisekiseni ukwenza umhlangano ukuze linikeze imininingwane ngezinkinga zezimali ezikhungethe le nhlangano yezokusakaza.
UMengameli kaKhongolose uMnu uCyril Ramaphosa uthe ingqungquthela ezayo yeBRICS ngeke yenziwe ngezindlela zokuxhumana zesimanje, kodwa kuzoba wumcimbi wamazwe wonke ayingxenye yayo ekufanele abekhona siqu.
Amasosha ase-Ukraine aqhubekile nomkhankaso wawo wokubuyisa izindawo eziphethwe yiRussia eningizimu-mpumalanga njengoba uMongameli uVolodymyr Zelenskyy ekuvezile lokhu emisakazweni ethi amasosha ezwe lakhe "athathe igxathu" ngemuva kokuhamba kancane komkhankaso kwaphambilini.
Umqeqeshi wekhilikithi uSandile Caluza uthi noma benganganqoba abadlali abaqeqeshayo, kodwa ukuqokwa kwabo kubadlali abenze kahle ngaphansi kweCricket South Africa (CSA) kusho lukhulu.
Kuqhume amakhwelo kwakikizwa ngesikhathi kutheleka amaqhawe akade eyomela iNingizimu Afrika kumqhudelwano womkhalambazo, obizwa ngeSzolnok Karate World Championship obubanjelwe eHungary.
UKganyago uthe ngenxa yomthelela wokucinywa kukagesi, umnotho wezwe usukhula ngesivinini esiphansi. UKganyago ubekhuluma engqungqutheleni yeSARB ebiseSoweto eningizimu yeGoli.
UMengameli waseSenegal, uMacky Sall, ukuvezile ukuthi ngeke alungenele ukhetho kabusha ngonyaka ozayo, esho enkulumeni yakhe ngoMsombuluko, eqeda ukuqagela ukuthi uzothatha ihlandla lesithathu ngesikhathi labo abamgxekayo bethi ngabe akukho emthethweni uma engenela ukhetho.
Amasosha akwa-Israel ahlasele idolobha iJenin ngama-drones ngoMsombuluko njengenye yezigameko ezinkulu zokuhlasela eWest Bank eminyakeni engama-20, kwashona okungenani abantu abayisishiyagalombili kwaphinde kwabandakanya amakhulu amasosha ezimpini zezibhamu eziqhubeke kwaze kwaba ntambama.
Ngokulandela inkolo yobuSulumane ufihlwe izolo ntambama emathuneni aseWestpark owabe eyisishoshovu sikaKhongolose kusaliwa nobandlululo uMnu u-Essop Pahad.
Iminwe ikhomba uhulumeni ngokwehluleka ukuqinisa isandla ekulweni nokumbiwa ngokungemthetho kwemigodi eyabe kungeyezimayini okukhalwa ngokuthi yikho okuholele ekufeni kwabantu abali-17 emijondolo yaseBoksburg eyaziwa nge-Angelo eGoli ngoLwesithathu.
ICosatu ifunga iyagomela ukuthi imibhikisho yanamuhla ihlose ngayo ukushayelela isipikili ngokungenami kwabasebenzi ngendlela okuqhubeka ngayo izinto ezweni kusuka kwizinga eliphezulu labangasebenzi, ukwehla kwamandla omnotho nenkohlakalo edla lubi.