Now Reading
Isililo esidala samaqembu aphikisayo eZimbabwe
Dark Light

Isililo esidala samaqembu aphikisayo eZimbabwe

Umholi weqembu eliphikisayo eZimbabwe, uMnu uNelson Chamisa, uthe iqembu lakhe lithwale kanzima ukuthi liqalise umkhankaso walo wokhetho ngoba amaphoyisa abevimba imibuthano yamaqembu aphikisayo.

Iqembu i-Citizens Coalition for Change (CCC) lethule umkhankaso walo wokhetho ngeSonto. UChamisa uthe bekunzima ukwenza imibuthano endaweni ezihlukene eZimbabwe. Uphinde wakhuluma ngoMnu uJob Sikhala, ilunga lephalamende osekuphele cishe unyaka liboshiwe.

“Sinozakwethu u-Job Sikhala owashushiswa kungafanele. Washushiswa futhi sifuna kulungiswe lokhu. Uma nje sengivotelwe esikhundleni, ngizomkhipha kanye noJacob Ngarivhume. Lokhu kuyinto ebaluleke kakhulu kimi. Ngeke sibe nezwe elineziboshwa zezepolitiki.”

UChamisa ukhuthaze abalandeli bakhe ukuthi baphume ngobuningi babo ukuvotela inguquko mhla zingama-23 kuNcwaba. Womabili amaqembu elibusayo iZANU-PF kanye neqembu likaChamisa anethemba lokunqoba lolukhetho olusemome.

See Also

UChamisa uthe isikhathi esiphambi kokhetho sibalulekile eZimbabwe lapho abantu ababhekane nezinsizi eziningi okubalwa kuzo ububha “Asihambe siyonqoba. Asihambe siyonqoba. Asiyonqoba ngamalengiso. Ukunqoba kwethu ukunqoba kwawonke umuntu”

Scroll To Top