Now Reading
Uphinde wakhala ngaphansi uMagudumana
Dark Light

Uphinde wakhala ngaphansi uMagudumana

Uphinde wakhala ngaphansi emizamweni yakhe yokuphonsela inselelo isinqumo seNkantolo eNkulu yaseFree State uNandipha Magudumana. Ubefake isicelo esiphikisana nokuthi wazivumela ukubuyela eNingizimu Afrika esuka eTanzania. 

NgoNhlaba uMagudumana wacela inkantolo ukuba ikuthathe njengokungekho emthethweni ukuboshwa kwakhe eTanzania nokubuyiselwa kuleli. Waboshwa kanye noThaboBester owayefunelwa uxhaxha lwamacala okukhona nawokweqa ejele. Inkantolo imchithile yanquma nokuthi kumele akhokhe izindleko zecala. 

Esitatimendeni sakhe wathi wabuyiselwa kuleli ngokungemthetho ephoqa nenkantolo ukuba imdedele ezikhindini. Okunye akuveza ukuthi inkantolo inqume ukuthi iNkantolo yeMantshi eBloemfontein lapho ebhekene khona namacala ayinalo ilungelo lokumthwesa amacala. 

Amanye amacala abhekene nawo kukhona elenkohlakalo, ukusiza ekweqeni kwesiboshwa nokwephula umthetho wezidumbu. Esinqumeni esakhishwa uMehluleli uPhillip Loubser ngasekuqaleni kukaNhlangulana, wathi uMagudumana wabuyiswa kuleli ngokungemthetho kepha lokho kwaba ukuthanda nokuvumelana naye.

See Also

NgoLwesibili uMehluleli uLoubser usichithile isicelo sakhe wathi awekho amathuba okuthi singaphumelela. “Kwabekwa egameni lofake isicelo ukuthi ukuvumelana angeke kuze kunikwe umuntu osuke ephambene noMthethosisekelo, ngenxa yokuthi kuzobukela phansi umthethosisekelo,” kubeka uMehluleli uLoubser. UMagudumana usematheni ngokusebenzisana noBester ekweqeni ejele nokusolwa ukuthi wabe enobudlelwane bezothando naye.

Scroll To Top