Amabutho ase-Israel ahlasele eWest Bank
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amasosha akwa-Israel ahlasele idolobha iJenin ngama-drones ngoMsombuluko njengenye yezigameko ezinkulu zokuhlasela eWest Bank eminyakeni engama-20, kwashona okungenani abantu abayisishiyagalombili kwaphinde kwabandakanya amakhulu amasosha ezimpini zezibhamu eziqhubeke kwaze kwaba ntambama.
Ama-drones ayezwakala kahle phezulu futhi kuzwakale imisindo yokuqhuma kwezibhamu neziqhumane kulo lonke idolobha ngemuva kwamahora kuqalile ukuhlaselwa. IJenin Brigades, uphiko olwakhiwe ngamaqembu ezidlamlilo azinze enkanjini yababaleki egcwele idolobha, ithe ibitholene phezulu namasosha akwa-Israel futhi idubule enye yalezi zindiza ebingenamuntu.
Ngezinye izikhathi ekuseni, okungenani ama-drones ayisithupha ayebonakala ezungeza idolobha kanye nekamu elisondelene, indawo eminyene ehlala ababaleki ababalelwa kwizi-14 000 ngaphansi kwengxenye yekhilomitha-skwele.
Le nkambu ibe yisizinda sodlame kuyo yonke i-West Bank osekuqubule ukuthuka nokugxeka okusuka eWashington kuya emazweni ama-Arab, ngaphandle kokuvula indlela yokuqalisa kabusha izingxoxo zezombusazwe osekuphele iminyaka ecishe ibe yishumi zimile.
Isikhathi esingaphezu konyaka, ukuhlasela kwamasosha emadolobheni anjengeJenin sekuyinto evamile, kuyilapho kube nochungechunge lokuhlasela okubulalayo kwabasePalestine ngokumelene nama-Israel kanye nodlame lwezigelekeqe zamaJuda ezilwa nezigodi zamaPalestine.
“Okwenzeka ekamu lababaleki kuyimpi yangempela,” kusho umshayeli we-ambulensi wasePalestine uKhaled Alahmad. “Kube nokuhlasela kwama-drone eziqondise enkanjini, njalo uma singena, cishe ama-ambulensi amahlanu kuya kwayisikhombisa bese sibuya egcwele abantu abalimele.” Kusho lomshayeli
UMnyango wezeMpilo ePalestine ukuqinisekisile ukuthi kushone okungenani abantu abayisishiyagalombili kwalimala abangaphezu kwama-50 eJenin, kwathi omunye wabulawa eRamallah ngobusuku obubodwa, wadutshulwa ekhanda endaweni yokuhlola.
Umbutho wezempi wakwa-Israel uthe amasosha awo agasele esakhiweni ebesisebenza njengesikhungo sokuyalela amasosha eJenin Brigades okuchazwe njengomzamo omkhulu wokulwa nobushokobezi obekuhloswe ngawo ukucekela phansi ingqalasizinda kanye nokuphazamisa abashokobezi ekusebenziseni ikamu lababaleki njengesizinda.
Njengoba umsebenzi uqhubeka, ogandaganda abahlomile bakwa-Israel balima imigwaqo ekamu, baphazamisa ukutholakala kwamanzi edolobheni, kusho umasipala waseJenin. Ukuqhuma kwezibhamu kwaqhubeka futhi ukuhlaselwa kwezomoya okunye kugasele kwenye futhi indawo.
Umkhulumeli uthe lo msebenzi uzoqhubeka isikhathi eside njengoba kudingeka ukuthi wenzeke futhi izikhulu zaphakamisa ukuthi amasosha angaqhubeka ahlale . “Ukusebenza akupheli ngosuku olulodwa,” kusho ilungu lekhabhinethi yezokuphepha kanye nongqongqoshe wezamandla u-Israel Katz etshela umsakazo Wezempi. Kuze kube nguNhlangulana zingama-21, lapho ehlasela ngama-drones eduze kwaseJenin, amasosha akwa-Israel ayengakaze asebenzise ama-drone eWest Bank kusukela ngo-2006. Kusho umkhulumeli.
“Sinwebe ngempela,” etshela izintatheli. “Kungenxa yesikali. Futhi futhi, ngokubona kwethu, lokhu kuzonciphisa abaphikisi,” esho, enezela ngokuthi ukuhlasela ngama-drones kusekelwa “ezobunhloli ezisezingeni”.

