Now Reading
Uqophe umlando unompempe oneminyaka eli-12 KwaMashu 
Dark Light

Uqophe umlando unompempe oneminyaka eli-12 KwaMashu 

Ngaphandle kokuba nekhono eliyisimanga ekubeni ngunompempe okanye umsizi kanompempe, kodwa isibindi anaso isona esigqamile kuyena. Lowo nguSphamandla Ncube oneminyaka yobudala eli-12. 

Lo nompempe umangaze abathandi bakanobhutshuzwayo abaningi ngeledlule ngesikhathi eshaya into ecokeme, kumqhudelwano obubanjelwe eRotary Stadium, eHostela laKwaMashu. Kule nkundla esendaweni edume kakhulu ngodlame nangokuchithela kwegazi, bekugcwele phama kusukela ngoMgqibelo ekuseni kwaze kwaba iSonto ntambama. 

Kulo mqhudelwano bekudlala abantu abadala, kanti bekubangwa imali eyizinkulungwane ezingama-R32 konqobile. Sekungumlando ukuthi lo mqhudelwano ugcine unqotshwe Abaphangeli, okuyiqembu laKwaMashu esigcemeni saka-K. 

Ekhuluma engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga uNcube uthe: “Ngiyabonga kakhulu kuNkosiyazi Cele, ngokuthi angifundise ukuthi ngikwazi ukudlalisa. Ngiqale nyakenye ukudlalisa izingane, kodwa ekuqaleni konyaka wangithatha ekutheni ngimlekelele emdlalweni yeligi. Kukhona konke ngikholwa ukuthi isibindi sami isona esingenze ngakwazi ukuthi ngikwazi ukudlalisa kahle ngeledlule” kusho lo mfana omncane.

Ubalule ukuthi ibanga lesihlanu eDuff Road Primary School. Ulidlalile kancane ibhola kodwa walishiya endleleni, njengoba esegxile ekudlaliseni. 

“Indlela engidlalisa ngayo ngihlezi ngenza isiqiniseko ukuthi angithuki ngiyama esinqumeni esengisithathile, akekho ongangithusa. Ingakho ngibukela kuVictor Gomez, ongunompempe ongenandaba ukuthi udlalisa liphi iqembu” kusho uNcube. 

Udlalise lo mqhudelwano odlule nje udlalisa kwiligi ngaphansi kwe-Local Football Association (LFA) KwaMashu. 

“Omunye umuntu ubezosaba ukubeka amaphenathi amabili kodwa mina lokho ngikwenzile. Lokho kuveza khona ukuthi isibindi sami, siyangilekelela kakhulu” kusho uNcube ongumfowabo kaSanele “Chenene” Mathenjwa oseke wagijima kuLamontvilleGoldenArrows neBlack Leopards.

Ngezifiso zakhe uthe ngelinye ilanga uyazibona edlalisa kuPremier Soccer League (PSL), nakwiNdebe YoMhlaba uqobo.

See Also

“Ngiyafisa ukuthi abantu belule isandla ekutheni ngisemncane ngimncane ngimngaka ngifundiseke kabanzi ngokudlalisa. Lokho kuzokwenza ngithi ngikhula sengineziqu eziningi, nolwazi oluningi ngokuba ngunompempe” kubeka uNcube. 

ElaboHlanga liphinde lakhuluma noSanele Mbonambi obehlele umqhudelwano ngempelasonto edlule. Nobechaza ngokwenze wathatha isibindi sokuthi uNcube adlalise.

“Ngiyamlandela kakhulu uSphamandla, ngithanda isibindi sakhe. Ngibonile ukuthi engakwazi ukudlalisa kulo mqhudelwano. Ngamcela kumamawakhe, ngakhuluma naye ngamtshela izinto angase abhekane nazo kodwa angazinaki. Lapho ngibala ukuthi kube khona abamkhokhelayo, ukuze ezobenzelela” kusho uMbonambi.

UmfokaMbonambi uphinde washo ukuthi uNcube umbona edlalisa ku-PSL ngelinye ilanga.

Scroll To Top