Now Reading
Kuvuse iminjunju ukushona kosana enkulisa eThekwini
Dark Light

Kuvuse iminjunju ukushona kosana enkulisa eThekwini

Isigameko sokushona kosana enkulisa iZwelisha eNanda ngoLwesibili sithukuthelise iziphathimandla zoMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi KwaZulu-Natal eseziphakamise ukuba kuphenywe ngokuthi lokhu kwenzeke kanjani. Lolu sana obelunezinyanga eziyisishiyagalolunye ubudala kuthiwa lushiywe umzali kule nkulisa njengokujwayelekile izolo ekuseni, lungenazo izimpawu zokugula. 

Abosizo oluphuthumayo babizwe kule ndawo bathola ukuthi usana seluphangalele. Ngokusho kwesitatimende sabo, ingane ithe ingaqeda ukufunzwa yase ithatha isithongwane emini nalapho ingabange isaphaphama khona. Okhulumela uMnyango uMnu uMhlaba Memela uthe bazolandelela ukuthola ukuthi yona lenkulisa ibhalisiwe yini ngokusemthethweni. UMemela ucashunwe ezinhlelweni zezindaba ethi njengoMnyango bazothumela nabeluleki bezengqondo emndenini njengoba uthinteke kakhulu.

“Sinxusa nabomthetho ukuba balusukumele lolu daba ukuze kutholakale ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi ingane idlule emhlabeni ngale ndlela isenkulisa,” kuphawula uMemela. Uphethe ngokuthi umndeni uyadinga ukuthola ubuqiniso ngalokhu.

See Also

Lesi sigameko sivuse amanxeba emndenini wakwaZondo KwaNyuswa eBothas Hill osekuphele iminyaka emihlanu indodakazi yawo eyayineminyaka emithathu yadlula emhlabeni. Unina omnancane ka-Aphelele uNks uZiningi Zondo uthi ngokuzwa kwabo ingane yavukwa ukugula emotweni kamalume ekuseni yaphelela khona lapho. “Akekho esimsolayo kodwa uma sizwa izindaba ezinjengalezi nakithi kuyavuka ukuthi asizitholanga izimpendulo ezazingasenelisa,” kuchaza uNks uZondo. Lo mndeni uthi namanje kusenzima ukwamukela ukuthi indodakazi yawo ayisekho.

Scroll To Top